NJENGOBA le nyanga kuyinyanga yezothando ehambisana nokuthi namhlanje wusuku lwezithandani, uMnyango wezeMpilo eGauteng ukhuza indlela yokuziphatha eyingozi ebonakala ikhula esifundazweni njengoba umbiko wakamuva wokuziphatha ukhomba ukuthi angaphezu kuka-40% amadoda afike ezikhungweni zezempilo ezokulashelwa izifo zocansi ezithathelanayo nyakenye.
Umbiko okhishwe ilo mnyango uveza ukuthi phakathi kuka-Ephreli noDisemba angu-167 109 amadoda ahambele izikhungo zezempilo kulesi sifundazwe, kuwo angu-67 400 (40%) abenezifo zocansi ezibizwa ngeMale Urethritis Syndrome (MUS).
I-MUS ihlanganisa izifo ezifana nokuphuma koketshezi olunukayo noma olushintshe umbala esithweni sangasese nobuhlungu uma uchama. Uma zingelashwanga lezi zifo zingaholela ekutheni owesilisa avuvukale amankwahla. IGonorrhoea neChlamydia yizona ezihamba phambili ngokudala izifo ezibizwa ngeMUS eNingizimu Afrika.
Kulezi zibalo kuvela ukuthi amadoda amaningi abenezifo zocansi ezithathelana ngawase-Alexandra, eSandton, Braamfontein naseHillbrow.
Ngokwezibalo eziphezulu ze-MUS eziqoshwe ezindaweni ezibaliwe, kuhlonzwe ukuthi kulezi zindawo indlela yokuziphatha inomthelela ekutheni lezi ziguli zihaqwe iMale Urethritis Syndrome.
Ezintweni ezinomthelela kubalwa ukungawasebenzisi amakhondomu uma iziguli ziya ocansini, ukuya ocansini nabantu abaningi, ukuyisebenzisa zibuye zingayisebenzisi ikhondomu, izinga eliphezulu lokusetshenziswa kwezidakamizwa nempilosiko.
Ngesikhathi esifanayo uMphathiswa walo Mnyango, uNkk Nomantu Nkomo-Ralehoko, uthe kwabesifazane abangu-66 377 abebexukuza ezikhungweni zezempilo zikahulumeni okokuqala abangu-1 255 bafike ezikhungweni benogcunsula (Syphilis).
“Imitholampilo yethu ihlinzeka ngamakhondomu mahhala inikeza iziguli ngezinsiza zokuvikela izifo ezithathelana ngokocansi ne-HIV, ukuhlolwa nokwelashwa. Akufanele siyekele izifo zocansi zingalashwa ngoba zisibeka engqupheni yokutheleleka ngegciwane lengculazi nokuyinto ezophazamisa umgomo wesifundazwe wokwehlisa ukutheleleka kwabantu abasha (new) nge-HIV ngo-2030,” kugcizelela uMphathiswa uNkomo-Ralehoko.
UMnuz Monwabisi Mbasa wenhlangano olwela okutholakala kwamakhambi okwelapha iHIV, iTreatment Action Campaign (TAC), uthe lesi sibalo siyakhathaza kodwa asimethusi.
“EGauteng kuke kwaba nokushoda kwamakhondomu akhishwa izikhungo zezempilo zikahulumeni. Ngaphezu kwalokho, imitholampilo ihlale igcwele kanti amadoda awezwani nokuhlala isikhathi eside kuyona. Abasebenzi bezempilo kakhulukazi onesi kusengabesifazane, amadoda amaningi asemanqikanqika ukuthi akhulume nabesifazane ngezifo ezithinta ucansi kubona. Njengoba lezi zinto zingakashintshi kusazoba nzima ukuthi amadoda asheshe azisukumele izifo zocansi kubalwa nakho ukuziholela iHIV nokwenza izinhlelo zokuyivikela ezifana nePre-Exposure Prophylaxis (PrEP),” kusho uMbasa.
UDkt Thembisile Xulu, womkhandlu wengculazi kuleli, uthe lesi sibalo siyethusa futhi senza ukuthi umbhidlango wokulwa nokutheleleka ngeHIV okusha ube nzima.
“Izifo zocansi uma zingelashwa zigcina seziphenduke ezinye, iHIV nayo iyisifo socansi esithathelanayo. Uma kusenesibalo esiphezulu kangaka sabantu abathola izifo zoncansi kusho ukuthi maningi amathuba okuthi laba bantu bathole iHIV,” kusho uDkt Xulu.