AMAHOLIDI kaDisemba avame ukuhambisana nemibhiyizo yokujabulela ukuhlangana ebantwini jikelele, kubujatshulelwa impilo, impumelelo nokuningi okuhle okusuke kwenzekile kusukela unyaka uqale uze uzofika ekupheleni.
Kulokho kujabula kuba nezibiliboco zokudla ezehlukene, okuthi ngoba kusuke kujatshulwa, angabi bikho oqaphela ukuthi oncamnce banobungozi obungakanani empilweni yomuntu, ikakhulu uma bedliwa ngokweqile.
Isikhungo sezempilo esizimele, i-Affinity Health, sesiveze ukuthi ukuhlangana nokujabula kwenza abantu bahlale befuna ukudla kakhulu kunokwesilinganiso abasejwayele.
Ngaphezu kwalokho, i-World Health Organization yaveza ukuthi ukudla ngokweqile kungaholela ezifweni nasezimweni eziyingozi njengokucanuzela kwenhliziyo, ubuhlungu esiswini nomfutho wegazi ophezulu.
“Ukuhlangana kwabantu abaningi nokuzama ukugwema ukubhoreka kwenza badle ngokweqile, yingakho kusemqoka ukuhlela nokuqaphela indlela owenza izinto ngayo ukusiza ukubalekela ukuthi ungabulwa wukudla okudlayo,” kusho isikhulu esiphezulu se-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett.
Nawa amathiphu ongakwenza ukugwema ingozi:
1. Qala usuku ngendlela ehlelekile, hhayi ngokudla
– Ukuya emaholidini ungenalo uhlelo lokuthi uzodla nini futhi udlani, kungenza ugcine udla noma yini noma yinini. Yingakho kubalulekile ukwenza uhlelo emqondweni lokuthi uzodla ini, futhi nini, ukuze ugweme ukuthi uma usudla, udle ukudla okuningi kakhulu.
2. Ungadli yonke into ekhona:
– Ukungahleli ukuthi uzodlani futhi ngasiphi isikhathi, kungenza ukuthi uma uhlangene nabantu lapho okudliwa khona, uvele ufune ukudla yonke into ekhona edliwayo. Ukugwema lokho, gxila ekudleni okwaziyo nokujwayele.
3. Gxila ekudleni okunempilo:
– Nakuba amaholidi okuphela konyaka ehambisana nezicoficofi eziningi kodwa kubalulekile ukuqikelela ukuthi udla ukudla okunempilo nokubuyisa amandla njengamaqanda, ufishi nobhontshisi.
4. Phuza amanzi kakhulu, unciphise otshwaleni:
– Iziphuzo ezidla ubhedu ngamaholidi ezinjengama-cocktail, iwayini notshwala ezenza ukuthi uma usuphuze kakhulu ulokhu ufuna ukudla. Yingakho kusiza ukuthi uqinise kakhulu ekuphuzeni amanzi, wehlise ezinkanjeni zikaFaro ukuze ugweme ukugcina udla noma yini ozwa uyihalela ngaleso sikhathi.
5. Qaphela ukhwantalala lungenzi udle kakhulu:
– Nakuba amaholidi eza nenjabulo kubantu abaningi, kodwa futhi bakhona abazobe bexakwe yizinto nezimo zempilo ezingenza baphathwe wukhwantalala, lona olungenza umuntu alokhu efuna ukudla ukuzama ukuziba inkinga abhekene nayo. Kuyingozi ukwenza njalo. Bhekana nenkinga yakho injengoba injalo.
6. Zijwayeze ukuzivocavoca
– Ukuhlala uzivocavoca kuyasiza ukukugcina usesimweni esihle emzimbeni futhi kuba kuhle kakhulu uma kuzohambisana nokudla ukudla ukunempilo. Nakhona ukwenze uma ulambile, hhayi ukuthi udle ngoba ubona ukudla kukhona futhi kukuningi.