KUBANTU besifazane kuyinto ejwayelekile ukuthi bashintshane kalula ngezinto ezahlukene okungaba ukubolekana izimpahla zokugqoka, ukugcobisana iziphaqulo nokunye okuningi. Iziphaqulo yize kuyinto engapheli kalula futhi nesekwaba umkhuba ukugcobisana ngisho nihlangana emcimbini, endlini yangasese nasekhaya kodwa zingakudalela ubungozi uzithole sewunophenyane.
Ongoti bezempilo baveza ukuthi ukuhlasela kwesifo sophenyane kudla lubi futhi kumele nakanjani luvikelwe ndlela zonke. Lokhu ongoti bathi ngeke kwabalula uma abesifazane besazoshintshana ngeziphaqulo. UDkt Nishen Gounder weNetcare uveza ukuthi zikhona izindlela zokuzivikela kulesi sifo esidlangile.
"Kubalekele ukushintshana ngeziphaqulo namapeni, ukuthintana nomunye umuntu, ungasebenzisi ithawula nemicamelo okufanayo kushintshe konke. Uma kwenzekile, phuthuma ugeze izandla, ushintshe nezimpahla,"kusho uDkt Gounder.
Akugcini nje ngeziphaqulo kukhona nama-contact lenses okuzinhlamvu zamehlo ezishaya ngemibala egqamile. Nawo iningi labantu liyabolekana noma liphisane ngawo uma lingasawagqoki.
Kulesi sikhathi sombhedukane wophenyane kungenzeka usheshe ubone amehlo eshintsha ebabomvu. UDkt Gounder uthe kufanele uwayeke ngokushesha ume kancane ukuwafaka ama-contact lenses.
"Uma uphila ngokusebenzisa amacontact lenses, kubalulekile ukuthi njalo uhlale ubona udokotela ikakhulu uma usubona nezimpawu ongaziqondi kahle kwimbulunga yeso,"kusho uDkt Gounder.
Ezinye zezimpawu eziqinile zophenyane
-Ukuba nesicanucanu inhliziyo isheshe ibencane esikhaleni noma ngabe akukho okudlile okungahambisani nawe.
-Kuyenza uzizwe ushaywa ikhanda elinzima nokungenye yezimpawu.
-Kungaphazamiseka indlela amehlo akho abona ngayo, kufilizele noma kubesankungu esikhaleni.
-Ukuxhoshwa kalula nokuzwela uma kukhanya imisebe yelanga.
-Izinhlungu ezidla lubi esikhaleni namehlo azwele kakhulu.
Ongakwenza ukuzivikela kule nkinga
-Hambela kude nomuntu ophethwe uphenyane futhi ungalokothi ugcobe iziphaqulo aseke wazisebenzisa noma ngabe ezakho ziyeke.
-Qinisa kwinhlazeko, zigcine uphephile ngokuhlala ugeza izandla ngensipho nezibulali magciwane.
-Uma kuphela amahora awu-24 ubona izimpawu ezisolisayo, phuthuma emtholampilo noma kudokotela wakho.
-Zihluphe ngokucoshela ulwazi oluphathelene nalesi sifo ukuze uzohlala uphephile futhi kuvikeleke nomndeni wakho.
-Uma amehlo eqala efiliza phuthuma emtholampilo nakudokotela, noma ngabe awekho bomvu futhi awuziboni izimpawu zophenyane.
-Uma kunesifo samahlala khona ophila naso zikhathaze ngokuyobika uma kukhona ongakuboni kahle.
-Uma uhlala nomndeni uvikele, izingane kumele zihanjiswe emtholampilo noma kudokotela uma ozinakekelayo ehlaselwa uphenyane.