MHLELI: Abantu bakhombisile ukuthi kumele beluswe njengezinkomo ngokuqina komthetho. Lokhu kufakazelwe wukuncipha kwezingozi emigwaqweni ezivame ukudlula nemiphefumulo yabantu obesekufana nensakavukela ezweni.
Uchithisaka wezivimbamigwaqo kuzona zonke izifundazwe kusilethele izithelo ezinhle kwancipha nezingozi ebezivamise yonke iminyaka zedlule nemiphefumulo. Okwenzeke kula maholidi kuvule ikhasi elisha kwababhekele ukuhlonishwa kwemithetho emigwaqweni, ikakhulukazi kwabaphuza amambawu maqede beshayele izimoto sebedakiwe.
Siyafisa ukuba abezokuphepha bahambe ngaleli giya nangamaholidi kaKhisimuzi. Sikhathele abantu abaphuza sengathi baloywa umthakathi maqede wafa nezikhwama zakhe. Umthetho sengathi ungaqina kuzona zonke izigameko zokuphulwa kwemithetho, ikakhulukazi emacaleni okubulawa kwabantu osekufana nomdlalo ezweni lethu.
Sengathi nezinkantolo zingake zilungise indaba yokuba lula ukutholakala kwebheyili. Sikhathele ukubona abagilwa bodlame bebhikisha ezinkantolo, bechitha izicelo zamabheyili. Sengathi nalo mthetho owafika neNingizimu Afrika emva kokhetho lwango-1994 wokuthi umuntu uthathwa ngokuthi akanacala kuze kube uyagwetshwa bawuthatha ngesinxele .
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE