MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni, ngithi angibike ukukhathazeka kwabantu ababizwa ngabasolwa noma, kwabanolwazi olufushane, besibiza ngeziboshwa.
Iyakhathaza indaba yomthetho osebenza eNingizimu Afrika. Umuntu osolwayo kungenabufakazi ngasolwa ngakho athathwe ayobhadliswa ejele, maqede kuthiwe kusenziwa uphenyo, kusahlanganiswa ubufakazi, kuphele izinyanga neminyaka.
Lowo muntu ngaleso sikhathi impilo yakhe imile nse, izinto zakhe ziyalimala, ziyamosheka. Umndeni wakhe nabantwana bakhe bayahlukumezeka. Imali iyamosheka kukhokhelwa abameli ngoba kufuneka ubulungiswa. Emva kwesikhathi noma iminyaka, kuvele ukuthi lo muntu le nto ayiboshelwe kayilona iqiniso, akunabufakazi ngayo. Kuthiwe icala liyahoxa noma liyaphela.
Kuthiwani ngekhathi sakhe esilinyaziwe nesthunzi sakhe esihudulelwe phansi? Buyini ubulungiswa eNingizimu Afrika? Kungani kungaqalwa ngophenyo kuphothulwe lona bese umuntu eyaboshwa ngoba kunobufakazi bokuthi ulenzile.
Bangakanani abantu abasemajele baboshelwe into ngekho? Abaseshi bathenga ofakazi bamanga ukuze kuzogwetshwa abantu bengenacala ngoba bona befuna ukukhushulelwa ezikhundleni. Bese kuzoba izinkantolo ezingafuni kusebenza, zilokhu zihlehlisa amacala njalo.
Ngizokhuluma ngiqondise ngqo ngejele laseMgungundlovu, iNew Prison nokuyilona nami engaboshwa kulo ngiboshelwa into ngekho. Umseshi wangibopha wathi uyangilaya. Ngamangala ukuthi kanti muntu akaboshelwa icala alenzile linobufakazi abaseshi bazenzela umathanda ngoba befuna izikhundla.
Okubi-ke ngejele lase-New Prison nengifisa ukuthi abaphathi bakhona bakwazi ukuthi iziboshwa esezigwetshiwe zikuphakela into engeke isuthise nengane eneminyaka emihlanu. Ejele kufanele ube nemali ukuze ukwazi ukumokola (ukhiphe imali yedilinki). Ukumokola-ke ejele ukukhokhela lona ophakayo kuze uzothola into ngcono. Uma ungamokoli uyothola leyo nkeshezana yophuthu nesobho elingekho. Ijele kufanele ngabe likunika izinto zokulala kodwa iziboshwa ezifikayo zidayiselwa amashidi - wona lawa oMnyango wezokuHlunyeleliswa kweZimilo - zidayiselwa ngezinye iziboshwa. Lezi ezifikayo ziyahlukumezeka ngoba kufanele zifune imali emakhaya kodwa zibe ziboshiwe. Ayikho into engadayiswa ejele. Ushukela othe xaxa u-R50, 2 i-peanut butter u-R50, amaqatha enyama u-R20, isinkwa u-R10.
Konke lokhu kufanele ngabe siphakelwa khona ziboshwa. Manje laba abaphekayo bayakuthengisa ukudla kukahulumeni. Ekuseni unikezwa izingcezu ezimbili zesinkwa, nephalishi ngeke ligcwale ngisho inkomishi le ye-plastic ephuzela izingane emakhaya.
Emini yiyo leyo nkeshezana yophuthu nethonsi lesishebo nezingcezu zesinkwa, usuyoze uphinde ukuthole ngakusasa . Okubuhlungu kunabantu bagulayo abanoshukela, kufanele badle amaphilisi.
Emajele kunebhajethi unyaka nonyaka kodwa iziboshwa zibulawa ngendlala. Ejele ungena uphila, uphume usugula ngendlela okugcwala ngakhona. Kunezindlu ezibizwa ngama-single cell - lokho kusho kuthi leyo ndlu ilungele ukuhlala umuntu oyedwa noma ababili kodwa leyo ndlu, incane injalo, kabanqeni ukuhlohla abayisithupha noma abayisikhombisa. Bazohlala kanjani bantu kanjalo? Engani bengaphathwa yizifo lapho, ikakhulu ezithelelanayo.
Mphathi wamajele ngiyacela usukumele isikhalo sami. Okokugcina, ngicela baselulekele ngabasebenzi baseshe zonke zinto ezingavumelekile ejele. Kungaba yizikhali, amaselula, izidakamizwa. Kufanele liphephe ijele, nathi siphephe sisejele.
Okubuhlungu abakwenzayo ukusichithela izinto zethu esisuke sizithengelwe yizihlobo zethu uma zivakashile. Mabayeke nokusebela ugwayi wethu ngoba kawulona icala. Bayeke futhi ukushaya iziboshwa. Awukho umthetho ogunyaza lokho. Uma nginecala engilenze ngaphakathi, ngibeke icala, hhayi ukungishaya ngoba kangiyona ngane yakho, kufanele ngikuhloniphe ngokomsebenzi wakho nawe futhi nginike indawo yami.
Okhathazekile
E-PIETERMARITZBURG NEW PRISON