SIPHELEZELE oSkomota, oKim noMaDlamini emhlabeni. Phela okuwuSkomota kuyazidalela ezintokazini ngesinqanda. Kunjalo nje kuneso lokukhetha izipawupete. Akuqabuli nanoma wubani. Ushaya ngesinqanda lezi ezingophumalangasikothe. Siyakubongela Skomota! Uyimele iLimpopo! Kungabe njalo yindlela aholelwa ngayo leyo. Asethembe uyayithola imali uma esedansile, angagcini nje ngo-kiss. Ngoba ezinye izinkampani zomculo... Hhayi angithule ngoba ngizoboshwa!