UMBUZO
MAGUMEDE, ngikhulelwe kodwa anginaso isiqiniseko ukuthi ingane ekabani. Indaba yami ikanje: ngilale namadoda amabili ngosuku olulodwa. Lona omunye isoka lami vele kanti lona omunye besihalelana manje angazi ngizothi ubani ongikhulelisile. Ngiyasaba ngoba isoka lami liwumuntu onodlame, uma lingayithola lento lingangenza isilo sengubo. Angazi ngenzenjani noma ngiyikhombe esokeni lami. Kodwa manje uma ingasafani naye ngizothini? Angfuni ukudukisa ingane yami ngiyikhombe esibongweni okungesona, ngicela ungeluleke.
IMPENDULO
OKWAMANJE kunzima ukusho ukuthi yenzenjani. Okungcono linda ingane izalwe bese utshela lona ebenihalelana naye ukuthi ucela niyokwenza ulibofuzo ukuze uqinisekise ukuthi ingane akusiyo eyakhe. Kungcono yena ngoba uyazi ukuthi ubekuntshontsha futhi uyazi ukuthi unesoka lakho eliqondile. Uyobe usususela emiphumeleni yolibofuzo. Ngokuzayo ubogwema ukulala ngaphandle kwejazi lomkhwenyana uma uzazi ukuthi unomuntu oqondile. Angazi-ke uma imiphumela ikhomba ukuthi ingane ekalona ebenintshontshana naye.