UKUWUHLABA inhlali kwePremier Soccer League (PSL) ngemininingwane egcwele ngokuzokwenzeka ngeRoyal AM kushiya imibuzo ngale ligi ehlale iqhakambisa ukuthi konke okwenzeka kuyona kusuke kuncike kokushiwo umthethosisekelo wayo.
Ngokomthetho u-57.13 weNational Soccer League (NSL) olawula i-PSL, le ligi inalo igunya lokumisa, ukudingisa kumbe ukudlisa ngezembe iqembu elihlulwa ukumelana nezivumelwano ezibhalwe phansi emiqulwini yeligi.
Lo mthetho uyakuvumela nokuthi i-PSL ilisize lelo qembu elisuke linenkinga ngokulitholela ozolithenga ngoba inhloso enkulu ukugcina amaqembu esigaba esikhulu ehleli ku-16 ngokwesibalo.
Lezi izivumelwano eziphakathi kwe-PSL nabaxhasi bayo, okuhlanganisa neDStv okuyiyona enegunya lokukhombisa imidlalo yale ligi kwithelevishini.
Ngaphandle kokukhipha uhla lwemidlalo yeNedbank Cup olungaphelele, i-PSL imile ekutheni ngeke iphawule kuze kube isinakho ezokusho. Akwazi muntu ukuthi nini.
Kuyaphoxa lokhu ngoba i-PSL ithule nje, abazazi kangcono bathi ingena iphuma emihlanganweni ngenhloso yokuphuma nesisombululo kodwa lutho ukubeka abalandeli esithombeni.
Ukuthula kwe-PSL kwenza abalandeli baphile ngokuqagela ukuthi kuzokwenzekani ngaleli qembu elagcina ukudlala umdlalo weBetway Premiership ngoDisemba 29.
Kusukela ngenyanga edlule, iRoyal AM iphethwe umqoqi wentela okuthiwa ngoMsombuluko odlule uliwinile icala elimgunyaza ukuthi ayifake endalini ikilabhu.
Sesibheke emasontweni amane isikhathi kusukela i-PSL imemezele ukuthi imisa iRoyal AM kuyona yonke imidlalo yayo ngenhloso yokuyinika ithuba elanele lokubhekana nomqoqintela okuthiwa imkweleta u-R40 million. Kungakuhle isinqumo esingujuqu sisheshe siphume, kungathunazeki isithunzi seligi ukwedlula osekwenzekile.