MHLELI: Ngifisa ukubongela iJaji uRaymond Zondo osanda kuqokelwa umsebenzi wokwengamela amajaji kuleli lizwe laseMzansi.
Ngibonga kakhulu kumengameli wezwe ngokuthi amqokele kulesi sikhundla njengoba vele ubeyisekela lejaji elikhulu futhi esebe yinhloko yamajaji isikhathi eside.
Engikucelayo-ke kuMthiyane wukuba awenze ngokukhulu ukwethembeka nangokuzimisela umsebenzi awumiselweyo, abuyise isithunzi somthetho kuleli lizwe lakithi njengoba bebaningi abantu abagcwanekayo nabachwayizayo kube sengathi umthetho unyathelwa ngezinyawo.
Maningi amacala asequlwe aze ayofika eNkantolo yoMthethosisekelo nayo yanquma ngendlela ethole ngayo ubufakazi, balahlwa ngamacala labo abatholakale besemaphutheni. Kodwa kuze kube yinamhlanje abakaze baphoqwe wumthetho ukuba balandele lokho okutholwe ngamajaji.
Manje-ke silindele ukuthi uZondo athi eqala nje umsebenzi wakhe abe ekulungisa lokhu ukuze umthetho uzobuyelwa yisithunzi kuphinde kugcwaliseke isisho esithi akekho ongaphezu komthetho.
Ngiyamnxusa uZondo ukuba asiqinise kakhulu isandla kulabo abazitshela ukuthi bangaphezulu komthetho, angabayeki bazichanasele nje.
Sikhathazekile kakhulu ngabantu abayizephulamthetho ngoba baphethe izimali futhi banabalandeli abaningi bese becabanga ukuthi umthetho awunyathelwe ngezinyawo maqede kucwebe iziziba kube sengathi akwenzanga lutho.
Siyazibuza nje ukuthi ngabanjani abantu abalahlwa ngamacala kodwa emva kwalokho kube sengathi amajaji abenza into angayazi. Akukwazeki ukuthi icala lingamlahla umuntu kuzo zonke izinkantolo ezikhona kuleli lizwe kodwa emva kwalokho kungabi namuntu oboshwayo.
Sibheke lukhulu ejajini elisha ngoba nalo liyazi ukuthi ubulungiswa abukho uma siza kulowo mkhakha, abantu bazishaya izifuba bethi bangaphezu kwezinkantolo njengoba namanje abakaboshwa futhi basazenzela njengasekuqaleni lapho besagijima khona ezinkantolo.
Sakhile Mthembu