INCWADI: Reacher: Bad luck and trouble
UMBHALI: Lee Child
ABASHICILELI: Penguin Random House UK
WENZA adume ngakho uJack Reacher. Ngemva kokubulawa kwabangani bakhe ayesebenza nabo embuthweni wamasosha, uReacher uyaphoqeleka ukuthi abuyele eLos Angeles, ayothungatha ababulali.
Abangani abane banyamalala ngendlela engaqondakali kepha kutholakala izidumbu zomuntu ngamunye, ezindaweni ezehlukene. Kuthi uma ephenya amaphoyisa athole ukuthi uCalvin Franz, wayesebenza noReacher bese enza udobo lokuthi isigora sibenzele umsebenzi wokuthungatha ababulali.
Incwadi inongwe ngakho konke okwenza umfundi ayibambele eduze. Iyingxenye yochungechunge lwamanoveli alotshwe nguLee, yona ngeka-11.
Kuyamangaza nokho ukuthi uReacher akashoni futhi nguye ohlale enamaqhinga aphusile. Kusobala ukuthi kungani indikimba iqhakambisa yena njengomlingiswa ophambili. Uyasabeka, uyisidlakela esingushayas’bhamu osemthethweni kepha uwusizo futhi akekho owaziyo ukuthi uhlala kuphi. Ukuze bamthole uReacher, umlingani wakhe uNeagley, umfakele imali kwi-akhawuti yasebhange ngoba ubazi ukuthi uzophenyisisa athole ukuthi ngubani omfakele imali. Kuthi uma sebehlangene abangani abasaphila, badinwe bangane unwabu uma bezwa ngokushona abalingani babo ngapha, nangapha kepha umkhondo awutholakali kalula.