MABILI amaqembu ebhola likanobhutshuzwayo akuleli abedlala esigabeni sama-quarter fiinal eCAF Champions League. La maqembu abedlala izolo. Lawa yiMamelodi Sundowns ebibhekene ne-Esperance yaseTunisia ne ne-Orlando Pirates ebivakashele i-MC Alger e-Algeria.
Iqembu lesithathu lakuleli elikulesi sigaba, kodwa lona lisemqhudelwaneni we-Confederation Cup, iStellenbosch FC ezobhekana neZamalek yase-Egypt namuhla. Sibhale lo mbono ingakabi khona imiphumela yale midlalo kodwa sibone kufanele kushayelwe ihlombe ukuphikelela kwala maqembu unyaka nonyaka ukuba abeke umaka emiqhudelwaneni yamakilabhu ngaphansi kwe-CAF kuyabathuthukisa abadlali bakithi.
Bobabili iSundowns nePirates sebeke bawuthola umuzwa wokuwina umqhudelwano we-CAF Champions League ngezikhathi ezahlukene. Kulo mncintiswano kusuke kudibene izingqwele zezwekazi i-Afrika, ngaleyo ndlela iminqolo ihambela kude nayo. Kuyiqiniso ukuthi ukudlala kuleli zinga kuyakhandla kakhulu ephaketheni futhi kudinga iqembu elinebutho langempela elizohlasela ngalo ezimweni ezahlukene.
Yilesi simo esilolonga abadlali bala maqembu ukuba bacijele nokuba seqenjini lesizwe. Ngakho-ke akuyena ucilo ozishaye endukwini ukuvama kwabadlali neSundowns, Pirates neStellenbosch eqenjini lesizwe iBafana Bafana. Imihuzuko abayicosha emqhudelwaneni ye-CAF ibanika amava afanele ukuthi nxa kuthiwa nanka amaklwa namahawu, akuhlaselwe, bese bethi ush'entshweni kumqeqeshi weBafana uHugo Broos.
Njengoba iNingizimu Afrika imelwe amaqembu amabili esigabeni sama-quarter final eChampions League, neBafana yenza kahle. Yingakho-ke wonke amaqembu adlala kuPremiership yakuleli kumele akulwele ukuqeda endaweni enhle yeligi ukuze akhule kulo mdlalo nabadlali bawo baqokelwe kwawesizwe.