YEBO, uthando aluthengwa ngemali kodwa kuyiqiniso elingephikwe ukuthi othandweni olunendlala phakathi, kuyabanda nkosi yami.
Luba muncu uthando uma nobabili niswele futhi ningathathi ndawo, yingakho abantu abaningi bengafuni ukuzibandakanya othandweni nabantu abangasebenzi.
Kubuhlungu ukusho ukuthi awuzikhetheli wena ukungasebenzi, kungenxa yesimo sokushoda kwemisebenzi esiphila ngaphansi kwaso namhlanje.
Ayikho into ebuhlungu njengokuthi uma nithandana kepha nishode nangemali yokuthenga izinto ezincane nje, zokwenza uthando lwenu lube mnandi.
Ngikhuluma nje, kunezithandani eziswela ngisho imali yokuphuma ziyozijabulisa kwezinye izindawo ngoba uma nizohlale nijamelene emehlweni engekho okwazi ukuvuka ayophanta, nigcina nixabana.
Nigcina senixabana njalo ngisho uthi uyambuka umuntu wakho akubuze ukuthi wamngquzulela amehlo nje, yini kwenzenjani?
Kuyiqiniso futhi ukuthi indlala ibanga ulaka kanti noma ngabe nithandana kanjani, uma ningathathi ndawo kuvele kube sengathi impilo ime ndawonye ayiqhubeki.
Ngiyazi ukuthi othandweni akungenwa ngemali kodwa kubuhlungu ukubona umuntu wakho ehalela abanye abantu ababukeka bejabulile ngoba benakho konke ekubeni wena ungenakho okokumenza ajabule,
Ngalokho asichazi futhi ukuthi izithandani ezinemali zihlala zijabulile kodwa sichaza ukuthi kuyaphileka. Ngike ngizwe abanye besho ukuthi noma ngabe aninayo imali kodwa niyakwazi ukuzijabulisa ngocansi. Lokho kungishiya nemibuzo yokuthi ngabe ucansi alugcini yini selunicika ngoba iyonanto kuphela enikwazi ukuzijabulisa ngayo?
Ngisho kuwusuku lwezithandani nina nizijabulisa ngocansi kuphela, akunazipho. Akunalutho. Ngisho kuwusuku lomunye wenu lokuzalwa nina nizishikisha ngocansi kuze kuyovalwa. Ayikho enye into enikwazi ukuzijabulisa ngayo. Ngokubona kwami kuyisimo esibucayi impela ngisho ungumshayi wesinqe ovelele.
Ngisho uyinkunzi malanga ekwazi ukwenza imzuliswano yocansi eminingi ungakhathali kodwa uma ungakwazi ukujabulisa uphathina wakho ngezinto ezidinga imali, akusho lutho.
Lolo thando aluqhubeki isikhathi eside engekho ogcina esejolaphakathi kwenu. Siyasho nesizulu ukuthi imali impande yesono. Lokho kuveza ngokusobala ukuthi kusengenzeka umuntu wakho alingwe omunye umuntu onemali ngoba wena uyahluleka ukumenzela izidingo zakhe.
Yebo, siyavuma ucansi lumnandi impela kodwa nalo lunezikhathi zalo. Kukhona lapho olungadingeki khona ukuze nijabule kodwa okudingeka izinto ezithengwa ngemali.
Kunabantu abangena othandweni bethi abafune mali futhi bazibophezele ekutheni bathembeke kodwa ngokuhamba kwesikhathi, zijike izinto ngoba akekho umunti ongathi uma engena othandweni athi yena uzofuna imali.
Eqinisweni akuthina esifuna imali kodwa impilo iyona efuna imali. Uthando olungenayo imali luyabanda ngempela.
Namhlanje ngifisa ukukhuthaza abangathathi ndawo ukuthi basukume bayophanta futhi bazame ukuzakhela izinto ezizobangenisela imali.
Ukuhlala phansi, sigoqe izandla silinde uhulumeni ukuthi asinikeze amathuba omsebenzi ngenye yezinto esigqilazayo nesihluphekisayo ikakhulu thina bantu abansundu.
Yebo, singawathumela ama-CV ethu ezindaweni ezahlukene kodwa kuyiqiniso ukuthi akuthina sonke esiba nenhlanhla yokubizwa. Yingakho ngithi asingalindi ukunikezwa umsebenzi kodwa kumele nathi sizame ukuzenzela umsebenzi ukuze sizokwazi ukuziphilisa. Imali-ke ayikaze yagculisa muntu ,ngisho nabanezindodla zayo bahlale befisa ukuthola okungaphezulu. Kodwa lokho okuncane ongakwazi ukuzenzela kona kungenise loyo penyana omncane, kungenza ukuthi impilo yakho nophathina wakho ingami ndawonye.
Uma nina enithandanayo ninezingqondo ngicela nizisebenzise phela nicabange ezinye izindlela eningaziphilisa ngazo niyeke ukucabanga ucansi kuphela. Niya kanjani ocansini nilambile esiswini?
Sukuma unyakaze ufune nosizo ungalindi ukubizwa lapho olokhu wathumela khona isicelo somsebenzi ngoJanuwari. Ngiyazi okwamanje ningazikhohlisa ngokuthi nijabulile kodwa khona isikhathi lapho enibona khona ukuthi anijabulile ngoba nilambile.
Kufanele ningqoke, nigibele mhlawumbe futhi ninemndeni enibhekile nezingane ezithembele kunina. Ucansi aluyona yonke into empilweni yomuntu ophilayo.
Ukube kunjalo ngabe imali asiyidingi futhi ngabe asisebenzi. Asingavumi ukuhlulwa impilo into engakhulumi, ungavumi umuntu wakho athathwe omunye umuntu ngoba nakhu enemali kunawe. Nawe zama izindlela zokuncenga impilo ukuthi othandweni lenu kube mnandi.