UNOBHALA- Jikelele we-SACP uMnuz Solly Mapaila uthi babhalele uNgqongqoshe wezoBulungiswa, uMnuz Ronald Lamola, bemcela ukuthi angamdedeli uMnuz Janusz Walusś ejele futhi udaba baluyisa enkantolo yase-Afrika.
UMapaila usho lokhu izolo ngesikhathi bebhikisha ngaphandle kweNkantolo yoMthethosisekelo, eConstitution Hill, eGauteng.
UWalusś owabulala owayengunobhala - Jikelele we-SACP uMnuz Chris Hani, udedelwe ngoshwele emuva kokudonsa iminyaka engu-28 ejele. UMapaila uthe babonisana nabameli babo ngoba bafuna udaba luye e-African Court of Human and People’s Rights.
UHani wahlaselwa wadutshulwa ngasemzini wakhe eDawn Park, eGauteng ngo-Ephreli 1993. INkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi uWaluś adedelwe emuva kwezinsuku ezingu 10. Udedelwa nje, ubesezame kaningi efaka isicelo sokudedelwa ngoshwele. Umfelokazi kaHani, uNkk Limpho Hani ubethukuthele eveva emuva kokuphuma kwesinqumo, ekhala ngokwenzelwa phansi yinqubo yezobulungiswa kuleli.
UMnuz David Mahlobo we-ANC ubengomunye wabebeyingxenye yemashi ebihlelwe yiSACP nezinhlaka edlelana nazo. UMahlobo uthe abakwemukeli ukudedelwa kukaWaluś.
“Ubuhlungu esibuzwe ngesikhathi kuphuma isinqumo, buvuse iminjunju efanayo naleyo esayizwa ngo-Ephreli 10, 1993 kubulawa uHani. Salahlekelwa ngumholi wethu onohlonze kakhulu,’’ kusho uMahlobo.
UWalus waboshwa, wagwetshwa noMnuz Clive Derby Lewis, okunguyena owamnikeza isibhamu esabulala uHani. ULewis wadedelwa ngoshwele wokugula exinwe wumdlavuza wamaphaphu, wagcina eshonile.
Imashi ibihanjelwe ngabaholi abehlukene uMnuz Pule Mabe, Mnuz Tony Yengeni, uSihlalo we-ANC eGauteng uMnuz Panyaza Lesufi noNobhala we-SACP uMnuz Solly Mapaila.