ASABELE ikhwelo likaMengameli Cyril Ramaphosa, lokuthi kuthengwe ingqephu ekhiqizwe kuleli amalungu ePhalamende ngoba izolo abehlobe ngemisiko eyenziwe kuleli.
Ngokusho kwePhini likaNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNkk Pam Tshwete, kubalulekile ukuthi kugqokwe impahla eyenziwe eNingizimu Afrika, ukuze kudaleke amathuba omsebenzi.
Uthe uma kugqokwa impahla eyenziwe kuleli, umnotho uyakhula futhi kudaleka namathuba omsebenzi embonini yendwangu neyemfashini.
INTANDOKAZI yakuleli uNkosinathi Innocent Maphumulo, owaziwa ngelikaBlack Coffee, ebonakala okukoqala kulandela ingozi yendiza isithombe: Ayanda Ndamane / Independent NewspapersIbikhona nenhlangano egqugquzela ukuthengwa kwempahla eyenziwe kuleli iProudly South African, igqugquzela ukuthengwa kwempahla yakuleli.
Ingqephu ibidida unwabu njengenjwayelo, eziphaqule kahle amalungu ePhalamende esifazane.

Okuphawulekayo kulokhu wukuthi namalungu ePhalamende esilisa ebewudlile ukotini, engagcinanga icala.
UNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi namandla, uMnuz Gwede Mantashe ubonakale neshethi elinemibala, ebemlihlala kahle emzimbeni.
Abanye besilisa bebegqoke okubalinganayo yize iningi beligqoke imibala engagqamile.
AMALUNGU ePhalamende esifazane uNkk Pinky Kekana, ongunina womdlali weBafana Bafana uGrant Kekana, uthe uyaziqhenya ngendodana yakhe. Uthathwe namanye amalungu ePhalamende noNkk Pam Tshwete Isithombe:GCIS
UNGQONGQOSHE wezemiSebenzi, uMnuz Thulas Nxesi ubegqoke imibala engagqamile kodwa efanelekayo Isithombe:GCIS
IMBONGI eyamukele umengameli, inkosatane Senziwe “Nziwe” Malibu yaseMpumalanga, ibivunule ngokwesiSwati Isithombe:GCIS
UNDUNANKULU wase-Eastern Cape, uMnuz Oscar Mabuyane uthathwe lapha kukhaphethi obomvu egqoke kahle nabehambisana naye Isithombe:GCIS
UNGQONGQOSHE wezokuMbiwa phansi namandla, uMnuz Gwede Mantashe ufike edle ishethi elinemibala, elimhlala kahle Isithombe:GCIS
UNGQONGQOSHE wamabhizinisi amancane, uNkk Stella-Ndabeni Abrahams, ubehlome ngombhaco wesimanje eluke nesitayela Isithombe:GCIS
ASABELE ikhwelo likaMengameli Cyril Ramaphosa, lokuthi kuthengwe ingqephu ekhiqizwe kuleli amalungu ePhalamende ngoba izolo abehlobe ngemisiko eyenziwe kuleli. ISITHOMBE; GCIS