UKhisimusi usheshe wafika kubafundi beSolezwe njengoba bezoya kokhithiza kwa-SPAR nge - Black Friday.
Siyababongela la bafundi beSolezwe asebehlabane ngamavawusha egilosa akwaSPAR enani lika-R 2 500 umuntu ngamunye.
Abasesithombeni kusukela kwesokunxele obebahalalisela uNozi Mkhize obhekelele ezoxhaso kanye nokukhangisa kwaSPAR, KwaZulu-Natal, oSenzo Manyoni, Olga Zuma, Thulani Hlathi kanye noMhleli weSolezwe uThulani Mbatha obehalalisela abafundi abawinile.
Abanye abafundi abawinile abangaphumelelanga ukufika, uZakhele Cele, Sipho Nyawo, Sbusiso Khomo, Xoliswa Buthelezi, Sanele Tom, Tshifa Ndlovu, Phumzile Khanyile, Victoria Mgijimi kanye noNtobeko Xulu.