SIDONSE izivakashi zamazwe omhlaba isifundazwe iKwaZulu-Natal kuleli ngokuba nezindawo zokuvakasha ezikhethekile futhi ezisezingeni lomhlaba.
Embukisweni osongwe ngoLwesine, eBerlin, eGermany, ithimba lophiko lwezokuvakasha esifundazweni, iTourism KZN (TKZN), likhangise iKwaZulu-Natal ezithunyweni, izihambeli nezivakashi.
Lo mbukiso, i-International Torismus Borse (ITB Berlin) ubalwa neminye ephezulu ehanjelwa yizinkakha nabathathi bezinqumo kwezokuvakasha.
I-TKZN ibone ithuba lokuba yingxenye yalo mbukiso njengoba izibalo zabo zikhombisa ukuthi iGermany iyizwe lesibili kwahamba phambili ngokuvakashela isifundazwe, lilandela i-United Kingdom.
Kuvela ukuthi ngonyaka odlule iKZN yamukela izivakashi ezingu-14 418 eziqhamuka eGermany ezingenise imali enguR232 million esifundazweni.
Inhloko yezokuxhumana eTKZN, uPinky Radebe, ithi ngokuhambela imibukiso nezingqungquthela zezokuvakasha, bafuna ukukhumbuza nokugcizelela emazweni omhlaba ukuthi iKwaZulu-Natal isabalwa nezindawo eziphambili ngokudonsa izivakashi zamazwe ngamazwe.
“Senza yonke imizamo yokubuyisa nokwakha kabusha isasasa lokuvakashela eKZN ezivakashini eziqhamuka kwamanye amazwe njengoba sike sakhinyabezwa yiCovid-19.
Silokhu siqhubeka futhi sikuqinisa ukuxhumana nabasemkhakheni wezokuvakasha njengamaTour Operators asemazweni ehlukene ase-Europe, ukuze siphothule izingxoxo ezizoletha izivakashi ezizohambela izindawo zethu eziheha izivakashi njengeDrakensberg, Isimangaliso Wetland Park, Hluhluwe-Imfolozi Game Park, iMkuze Game Reserve nezinye iziqiwi ezisenyankatho esifundazweni. Njengoba silapha nje (eBerlin) sixhumana nabezindaba bamazwe ehlukene ukuze nabo basabalalise ulwazi ngezokuvakasha eKZN,” kubeka uPinky.
Uqhube wathi njengoba ezokuvakasha zineqhaza elibalulekile ekuqiniseni umnotho wesifundazwe, kubalulekile ukuqinisa ubudlelwane nokukhangisa emazweni aphesheya kwezilwandle njengoba izivakashi eziqhamuka kulawa mazwe zihlala isikhathi eside esifundazweni futhi zifaka nemali eningi, uma kuqhathaniswa nezivakashi zaseNingizimu Afrika. Kuvela ukuthi izivakashi eziqhamuka emazweni ehlukene ezikhethe ukuvakashela eKZN, sezizonke zibe ngu-554 156. Zihlale esifundazweni izinsuku ezibalelwa ku-11, zangenisa imali enguR2.4 billion.
“Yingakho kubalulekile ukuhambela le mibukiso ngoba nosomabhizinisi abakwezokuvakasha bathola ithuba lokukhangisa ngezindawo nangamabhizinisi abo bezikhulumela ngqo nezivakashi nabathathi bezinqumo kwezokuvakasha,” kusho uPinky.
UBriony Smith wenkampani iBee Africa Tours, ubengomunye wosomabhizinisi kwezokuvakasha abebe sembukisweni. Uthi wubeqala ukuba yingxenye yawo kodwa uhlabeke umxhwele ngenxa yamathuba avulekile ngokuba yingxenye yawo.
“Kube kuhle kakhulu ukuba kulo mbukiso. Kuyimanje ngimagange sengijahe ukuhlelela izivakashi engixhumane nazo isikhathi esimnandi abangasoze basikhohlwa uma sebevakashele esifundazweni,” kusho uBriony, osezakhele igama ekuhleleleni izivakashi zamazwe ahlukene amaholidi ahlabahlosile esifundazweni.