EKUQALENI konyaka kuvamisile ukuthi sihlele kabusha impilo. Umuntu usuke ehlela azokwenza onyakeni, ukulungiselela izifundo zezingane, ukuthuthukisa amakhono kanjalo nokuzijabulisa.
Abantu abaningi abazi ukuthi kuhle futhi kushibhile ukuhlela amaholidi okuphela konyaka ngesikhathi usaqala. Kanjani na?
Hlela uhambo lwakho:
Ngaphambi kokungena emininingwaneni, kubalulekile ukuqonda ukuthi yini ngempela oyifunayo ukuze ukhethe uhambo lwakho.
Ngabe ufuna ukuphumula olwandle eThekwini, ukuqwala izintaba zoKhahlamba noma ukubona ubuhle beLong Street eKapa? Ukuqonda inhloso yohambo lwakho kuzokusiza ukhethe indawo efanelekile. Lokhu kuzokusiza uqondisise ukuthi ngabe indawo oyivakashelayo ifanele umndeni wonke noma izithandani kuphela.
Uma usuyikhethile indawo ozoyivakashela, bheka amanani okubiza kwayo ngokwamagumbi okulala, nesibalo sabantu ohamba nabo. Vakashela i-webhusayithi yendawo oyithandayo ubuke izithombe zayo ugculiseke.
Kuhle ukubheka imibono yabantu asebake bayivakashela indawo ukuqonda ukuthi okukhulunywa ngabantu kuyahambisana nezithombe ozibonayo.
Isikhathi sohambo:
Ukunquma isikhathi esanele sohambi lwakho kuzokwenza uhlele kahle ezezimali.
Isibonelo, uma ufuna ukuvakashela amazwe aphesheya, impelasonto ngeke yanele ukuzithokozisa ngendlela ekufanele. Inhloso yohambo nayo inomthelela wezinsuku ozozihlala uvakashile, ngabe kunosuku olukhethekile (isikhumbuzo somshado, usuku lokuzalwa)?
Khumbula izikhathi zonyaka azifani futhi azibizi ngokufana. Khetha isikhathi okungesona samaholidi ngoba yisona esibiza kangcono kunamaholidi. Khumbula futhi ukuqaphela izikhangiso zamanani aphansi ezinkundleni ezahlukene zezokuvakasha.
Ibhajethi yohambo lwakho:
Hlela ibhajethi yeholide ekhethekile ukuze uthole umbono wokuthi izokubiza malini. Lokhu kuhlanganisa izindleko zokuhamba nezokuhlala, ukusebenzisa imali nezinye izindleko zeholide ezinjengomshwalense, ama-visa, nemigomo. Qiniseka ukuthi izindleko zakho ezijwayelekile zanyanga zonke ekhaya nazo awuzikhohlwa.
Qala ukulondoloza imali:
Ukuhlelela uhambo lwakho kungase kusho ukuyeka imikhuba ethile ukuze wonge okwengeziwe. Ukwehlisa ongcamnce, nokunye okungezona izidingongqangi. Ukhethe nendlela yokonga imali, uyilondoloza ebhange, noma ukhokhela izinto eziqondene ngqo nohambo.
Hlela umswenko:
Kubalulekile ukuhlela umswenko wakho omuhle wokuvakasha, ucabange izinto ozozenza phambili bese upakisha isikhwama sakho ngendlela efanelekile. Uzobhukuda olwandle, uzoqwala intaba, uzohlela isidlo sakusihlwa e-restuarant ehamba phambili, noma uzojoyina i-game drive? Konke lokhu kumele ukucabangisise ukuze uphathe okufanelekile ubheke nesimo sezulu lapho ovakashela khona.
Kuleli sonto sivakashela eSun City
I-Sun City Resort yindawo yokungcebeleka kanokusho nekhasino, eyakhiwa yimpunyela uSol Kerzner ngo-1979 njengengxenye yamahhotela akhe eSun International. Le ndawo iphakathi kwemifula i-Elands, nePilanesberg, endaweni yaseBakubung Village, esesifundazweni iNorth West, eNingizimu Afrika.
Inamahhotela amane phakathi okuyiSun City Hotel noma ihhotela eliyinhloko, iCascades, iCabanas, i-The Palace of the Lost City, kukhona ne-vacation club okuwuhlelo lwamahhotela adayiswayo ngokwe-timeshare.
ISun City iyona ekunikeza izinto ezahlukene egcekeni elilodwa, uma uthanda ibhishi likhona, uma ufuna ukugembula wenze imali sondela, uma ufuna izinsiza zokudlala ezahlukene, khululeka, ngisho nabathanda izilwane zasendle, nazo zikhona.
Umuntu ofuna ukupholisa ikhanda aphumule, kukhona iRoyal Spa eyindawo yokuphumula ezolile enikeza izindlela zokwelapha zesimanje.
Kukhona neValley of Waves efanele izingane nabantu abathanda imidlalo ehlukene yasemanzini ngoba kukhona ibhishi elinesihlabathi esimhlophe qwa, ungahamba nangeshubhu eLazy River. Okujabulisa kakhulu iTemple of Courage okuyi-slide esingamamitha angu-17 ubude.