UMKHAKHA wezokuvakasha KwaZulu-Natal uvuke wazithatha emva kokukhahlanyezwa wukubheduka kobhubhane iCorona nezikhukhula ezihlasele isifundazwe ngonyaka owedlule.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe ezokuvakasha esifundazweni zikhombise ukuqina emva kokuphazanyiswa yilezi zigameko.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula isabelosemali somnyango esiShayamthetho saKwaZulu-Natal izolo.
UDuma uthe izibalo zikhombisa ukuthi iKwaZulu-Natal ihamba phambili kwezokuvakasha.
“Izibalo ezikhishwe yiSouth African Tourism zikhombisa ukuthi kunabantu bakuleli abavakashele isifundazwe izikhathi ezingu-7, 6 million ngonyaka owedlule. Lokhu kungaphezu kwezinombolo esazibona ngesikhathi seCorona, njengoba kwavakashwa kawu-6.2 million ngo-2019.”
UDuma uthe kwagcina ngo-2013 ukuthi kuvakashwe isikhathi esingaphezu kuka-7 million esifundazweni.
“Lezi zibalo zisho ukuthi kutshalwe u-R19.5 billion kwezokuvakasha.”
UDuma uthe balindele ukuthi bande abantu abazovakashela isifundazwe njengoba kuza ingqungquthela i-Africa Travel Indaba ezokuba ngoMeyi.
“Kulo nyaka silindele ukuthi i-Africa Travel Indaba ihehe izivakashi ezingu-6 600, abazobe bekhombisa ngemibukiso yabo abangu-900 nabathengi abangu-470. Lokhu kuzofaka u-R78 million emnothweni waKwaZulu-Natal.”
UDuma uphinde waveza ukuthi umnyango uyaqhubeka nezinhlelo zokuthuthukiswa umkhakha wokutshalwa kwensangu.
UDuma uthe umnyango ubeke eceleni u-R5 million ukwelekelela lo mkhakha.
“Ukutshalwa kwensangu kungakhulisa umnotho wesifundazwe.”
Usihlalo wekomiti elibhekelele ukuThuthukiswa koMnotho esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, unxenxe umnyango ukuba uqhamuke namasu okwelekelela osomabhizinisi abancane abaqhubekayo nokukhahlanyezwa ukucishwa kukagesi.
UNtombela uthe ukucishwa kukagesi kunomthelela ongemuhle emabhizinisini amancane.
Usihlalo wekomiti elibhekelele ezokuVakasha kanye nokoNgiwa kweMvelo, uMnuz Sithembiso Mshengu, unxuse umnyango ukuthi usukumele udaba lokweqa kwezilwane zasendle esiqiwini iHluhluwe Imfolozi Park.
UMshengu uthe isimo asisihle kulendawo njengoba umphakathi owakhelene nalesiqiwi ukhala ngokweqa kwezilwane zasendle ezidla imfuyo.
“Njengekomiti sike sahlala nemiphakathi eyakhelene nalesiqiwi. Sinxusa ukuba umnyango ulusukumele loludaba.”