INTANDOKAZI yomrepha wodumo lwengoma ethi Sebentini nethi Bathi Ngiyachoma, uZakwe usehlabe ikhwelo kozakwabo wathi abakhuphule izinga futhi bahambisane nesikhathi, benze okufunwa ngabalandeli babo ukuvuselela udumo lomculo wabo.
Lo mrepha ukhulume kanjena, kulandela ukuphuma kwezingoma zikaBig Zulu noDuncan begconana kuzona, okuyinto ebukeke ithakaselwa kakhulu ngabalandeli balo mculo, osekuneminyaka ungasathakaselwa njengakudala, selokhu kwaduma ama-piano.
“Ngiyishayela ihlombe into eyenziwe ngabafowethu yokukhipha izingoma ezenze abantu bakhuluma ngomculo wethu, bancoma nendlela ababhale ngayo okuyinto osekunesikhathi yagcina ukwenzeka emculweni wethu ngoba awusagqamile,” usho kanje.
Lezi zingoma zenza kahle kakhulu kwiYoTube selokhu ziphume ngempelasonto. EkaBig Zulu ethi 200 Bars isilalelwe ngabantu abangaphezu kuka-395 000, kuthi ekaDuncan esihloko sithi After Tears, yona isilalelwe ngabantu abangaphezu kwa-349 000.
Eqhuba, uthe ukholwa wukuthi ukugqama komuinye umculo njenge-piano nomaskandi, akusona isizathu sokungagqami kweHip-Hop, kodwa inkinga ikomrepha futhi kumele bayilungise.
“Okwenzeka kwiHip-Hope manje kudalwe wukuguquka kwesikhathi, kangangokuthi ngisho nabanye omrepha esibaziyo sebengene kwi-piano ngoba bebona kuyilona elihamba phambili okwamanje. Thina nje kumele sizame ukuhambisana nesikhathi nokuthi sishintshe kancane imisindo esiyisebenzisayo, futhi sikhulume ngezinto ezithandwa ngabalandeli,” kusho uZakwe.
Uveze nokuthi naye uzokhipha ingoma kuleli sonto ukushukumisa inkundla njengoba kwenze iNkabi noSkuva.
“Emva kwalokho ngizokhipha enye ingoma ngenyanga ezayo engizohlola ngayo ukuthi abantu bawulambele kangakanani umculo wami ngaphambi kokubaniae i-albhamu,” usho kanje.