KUBANJWE umoya ngempilo yesihlabani segqom', uBongekile "Babes Wodumo" Simelane, njengoba ephuma engena esibhedlela.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi lo mculi akalubhadanga emicimbini eminingi abeqashwe kuyo eThekwini, okubalwa iCotton Fest ebiseHollywoodbets King's Park Stadium ngeSonto neFact Durban Rocks ebisePeople's Park ngoMgqibelo, ngenxa yakho ukuxinwa wukugula.
Okhulumela iCotton Fest, uMelanie Ramjee, ukuqinisekisile ukuthi uBabes akanandisanga kulo mcimbi.
"Akakwazanga ukufika emcimbini ngenxa yezizathu eziqondene naye," kuphawula uMelanie.
Imithombo, esondelene nalo mculi wodumo lwengoma ethi Wololo, ithe kuke kwakubi ngesikhathi uBabes enqanyukelwa wumoya.
"Kuphoqelekile ukuba aphuthunyiswe esibhedlela ngoba ubesexineke kakhulu. Usenesikhathi ebambekile kodwa akwaziwa ukuthi uguliswa yini. Kuqale kwaba sengathi umkhuhlanyana. Nasezinkundleni zokuxhumana akasemningi."
Kunamahlebezi athi akasahlali kwakhe eWestville kodwa usebuyele kubo ukuze anakekelwe ngabazali bakhe.
Ebuzwa udadewabo futhi oyimenenja kaBabes, uNondumiso Simelane, uthe lo mculi ubeyonandisa ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.
"Silitshaziswe yibhanoyi elibuyayo okwenze sangakwazi ukubuya, saphuthwa kanjalo-ke kodwa sibazisile abahleli bale micimbi emibili, basiqonda isimo ebesingaphezu kwamandla ethu."
Uthe kweminye imicimbi, okubalwa obuseNazaretha naseSikhaleni Lifestyle, kwasuke kwaqondana ukuthi uBabes aqashwe ngaphandle kwaseThekwini.
UNondumiso uthe kungamanga aluhlaza ukuthi uBabes uyagula. "Umuntu ophila kanje? Uwumqemane.
“Uphila saka. Mhlawumbe bamubona ethule ezinkundleni zokuxhumana. Yingoba ematasatasa nama-albhamu amabili, okungeyakhe nale kaMampintsha ayenza kodwa wangayikhipha. Umatasatasa ngalokho."
Uthe okunye uBabes amatasatasa ngakho ugologo i-OS Gin ne-vodka njengoba sekunguye oqhoqhobele izintambo emabhizinisini kaMampintsha.
"Umatasatasa kakhulu njengoba eseyedwa. Uzama ukwenza yonke into ebiyenziwa nguMampintsha."
Omunye wabahleli bomcimbi obekuzocula kuwo uBabes eSikhaleni Lifestyle, eClermont ngoJuni 10 kodwa wangafika, uNhlanhla “Sgaqa” Chiliza, uthe unamanga uNondumiso.
“Lento ayenzayo, yokuthatha imali yabantu ebe azi kahle ukuthi uBabes akazofika, ibulala ikusasa likaBabes emculweni. Asazi njengoba engafundile uzophila ngani. Ungathola ukuthi uBabes akazi lutho ngalokhu futhi uNondu akasazibambi izingcingo zami.”
Kwesinye isikhangiso kubhalwe ukuthi uBabes uzocula eSikhaleni ngoJulayi 8 kodwa uNondumiso uthi uBabes uzobe enandisa emcimbini oseGoli naseNelspruit, eMpumalanga ngale mpelasonto.
USgaqa uthe usezame kaningi ukuyolanda imali eyakhokhelwa uBabes kodwa kulenga ingidi emzini wakhe oseWestville.
“Onogada bathi sekuhlala owesilisa ofika ebusuku, ahambe ekuseni. Okubuhlungu angazi lapho kuhlala khona abazali bakhe,” kuphetha uSgaqa obedinwe eqhuma.
Nomunye umhleli womcimbi uthe waze wathumela onogada emzini kaBabes kodwa bafica kungekho muntu.
Imithombo emithathu ekhulume naleli phephandaba ikuqinisekisile ukuthi uBabes impela ubambekile, ungena ephuma ezibhedlela kodwa kubo abathandi kwaziwe. Kukhona nezithombe ezimveza efakwe ama-drip ebonakala ebambekile impela.