UMBUSI Sihle “DJ Sox” Sokhela ngomunye woDJ abahlonishwayo kuleli ngenxa yamagalelo akhe.
Ngeke wakhuluma ngomlando womculo we-house kuleli ungalifaki igama likaDJ Sox (42) waseThekwini.
Yize edume kakhulu esehambisana noDJ Tira futhi bewola izindondo emiqhudelwaneni yomculo, bezibiza ngeDurban’s Finest kodwa yena usemnkantshubomvu kule ndima.
Amanoni akhe engawathanda kakhulu esehamba yedwa ngathi Sasho, I Hope You Don't Mind nelithi Lapotre.
Akagcinanga lapho kodwa wabuye wathi Phusha Phanda, Ngiphethe Izinto nethi Oh My!.
Kulo nyaka ukhuze ibuya nge-Extended Play esihloko sithi Full Circle.
Ingoma esiqalile ukushisa izikhotha ezindaweni zobumnandi ngethi Tonight, okucula kuyo phambili uJon Delinger. Enye ingoma esazochaza abantu abaningi ngenxa yesigqi nomyalezo ngethi Sebenza.
Kuyo ubophele uTonic Jazz noKhanye Da Best. Ezinye izingoma ezizokwenza udanse uze ukhase phansi ngezithi Secrets (ahambisana kuyo noDlala Thukzin), Ngiphilela Wena (abophele kuyo uSphe Music, Argento Dust noDJ Sonic), Khuzza (apike kuyo u-Innovator, Amenisto noDJ Sonic), Take It Easy (okukhona kuyo uMadanon, Bistoh no-Amenisto) nabhansele ngayo abathandi bomculo wokujuxuza ethi Noma Yini, abophele kuyo uTonic Jazz noKhanye Da Best. Ingihlabe umxhwele nayo le-bonus track.
Njengoba abanye ozakwabo behla benyuka negqom' nama-piano ukuze bahlale besematheni, uDJ Sox usayibambile emculweni we-house ongungqo.
Uthe ukusishayisa ngomoya ngoba ama-piano abuye akhathaze uma sesixinwa ngawo kakhulu, kwazise nabadidiyeli bawo bakhipha njalo ngesonto.
Kunjalo nje, uma uzwe eyodwa ingoma yama-piano, kufana nokuthi sewuzizwe zonke nezabanye ngenxa yokufana kwamaphimbo nesigqi. Ngakho siyabonga Mshazi ngokungabi uthathekile nomantuntanendishi.