“UBUCIKO emculweni budinga umuntu owaziyo ukuthi ufuna ukwenzani ngawo, ngoba ukuduma ungakalulungeli udumo kungenza ukuthi ulahlekelwe ngubuwena, uphelele endleleni.”
Usho kanjalo umculi wama-piano wodumo lwengoma ethi Tender Love, uSha Sha, ecebisa amaciko afisa ukuhamba ezinyathelweni zakhe ngomculo, exwayisa ngobungozi bodumo.
Le ntokazi egqame emculweni ngo-2019 nge-extended play yayo esihloko sithi Blossom, isematheni kulezi zinsuku ngengoma yayo entsha ethi Ndawana, eyishaya noKelvin Momo noSykes.
Ukhipha le ngoma ephume ngoLwesihlanu nje, uke wanyamalala iminyaka emibili emculweni, emva kwe-albhamu yakhe yokuqala ethi I’m Alive, eyaphuma ngo-2022, emva kwayo kwathi cwaka.
“Kuningi okwenzekile emculweni ngomculo wami eminyakeni emibili edlule, ngibala nokushiya enkampanini engangisayine kuyona iBlaq Music, eholwa wuDJ Maphorisa, engasizwa nguyena ukuduma nokungenisa ngomculo wami kule ndima.
“Ngenye yezinto leyo eyenze ngathula isikhashana, ngisafuna ukubheka indlela ehlukile yokubuya ngamandla, futhi ngiqhubeke ngijabulise abalandeli bami. Bengigwema nokuthi ngenze umculo ngokujaha, obekungenza ngigcine ngikhipha into engekho ezingeni elingifanele. Enye yezinto leyo engikhuthaza nabanye ukuthi bayiqaphele kwezobuciko,” kulanda uSha Sha.
Uthe manje ujabule ngokuthi usebuyile futhi usezimele, okwenza akwazi ukukhipha umculo ngendlela yakhe, njengoba ebuye ngale ngoma yothando, azivuselela ngayo ukuqhubeka nomculo, nakhuthaza ngayo abantu ukuthi bazibeke phambili kwabakwenzayo.
“Kuzothi emva kweNdavana, ngikhiphe enye ingoma ekupheleni kwalo nyaka, ukwendlalela umculo omningi engiwuhlelela ukuthi uphume ekuqaleni konyaka ozayo,” kusho uSha Sha.
USha Sha (30) igama lakhe lokuzalwa nguCharmaine Mapimbiro. Udabuka eMutare, eZimbabwe, kanti manje usezinze eGoli.