INGQALABUTHO yomculo wesicathamiya, uSolomon Mpopoli Linda, ihlonishwe futhi yakhunjulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa emgubhweni wamaGugu akuleli obuse-Union Building ngoMgqibelo.
URamaphosa uthe inhhloso ngomgubho wakulo nyaka wukugubha umculo wesintu ngendima oyiklame emkhakheni wezobuciko, amasiko nezemidlalo. Yingakho ingqikithi yakulo nyaka beyithi "Sigubha Amagalelo kaSolomon Linda noMculo Wendabuko Kuleli."
Ukuhlonishwa kukaSolomon, wodumo lwengoma esihloko sithi Imbube, kuhambisana nokuphela kweminyaka engu-60 ahamba emhlabeni. Njengoba isaga sesiZulu sithi ziyofa izinsizwa kusale izibongo, nakuSolomon kunjalo njengoba sekuphele iminyaka engaka kodwa ingoma yakhe ethi Imbube isashisa izikhotha. Yaze yabuye yenziwa kabusha futhi seyiqanjwe ngezihloko ezihlukahlukene okubalwa kuzo, ingoma ethi Lion Sleeps Tonight nethi Wimoweh. Nakuba kunjalo washona edla imbuya ngothi emuva kokudliwa kwamandla akhe ngamaciko amazwe ngamazwe. Sekuyindaba endala ukuthi le mpi iliwe yaze yanqotshwa njengoba kugcine kuhlomule isizukulwane sakhe. Ekhuluma uRamaphosa uthe uLinda wabamba elikhulu iqhaza ukuqhakambisa amagugu akuleli ngengoma yakhe njengoba ize yafakwa nasemdlalweni weshashalazi osihloko sithi Lion King.
"Ngakho sinesibopho sokukhumbula bonke abakhiqizi bomculo womdabu.
Ngale nyanga, ikakhukukazi lolu suku sihlonipha uSolomon Linda namanye amaciko endabuko. Namhlanje sinethulela isigqoko futhi siyanibungaza ngamagalelo enu." URamaphosa ubuye wabonga amaciko asayibambile insimbi ishisa kuleli.
"Ngifuna ukugcizelela lokhu emacikweni akithi, ukuze kungaphinde kwehle umshophi owehlela uSolomon Linda. Umthetho ochibiyelwe futhi ophasiswe ngamalungu ePhalamende, iCopyright and Perfomers Protection Amendment Bill, uzohamba ibanga elide ukuvikela imisebenzi nemiqondo yamaciko," kuphetha uRamaphosa. Ngokusho kweSA History, uSolomon wazalwa eMsinga, ePomeroy ngo-1909 kodwa wafunda eGordon Memorial Mission. USolomon wafudukela eGoli ngeminyaka yo-1930 lapho ayesebenza kwaMayi Mayi Furnisher ngaphambi kokusungula iqembu i-Evening Birds.