UMLINGISI ozakhele udumo ngokuba nguZinzi Dandala kwiRhythm City uNtando Duma, uwubheke ngamehlo abomvu umcimbi wamaSouth African Music Awards namuhla ebusuku, eGhallager Convention Centre, eMidrand, eGauteng.
UNtando owalingisa indawo kaMpho Sabata kwiThe Queen, uthi okumhlanganisa nomqhudelwano wezindondo omkhulukazi kuleli ukuthi usengena emkhakheni wokudidiyela, nokuqondisa ama-vidiyo ezingoma.
Ukuqokwa kwengoma kaLady Amar, JL SA, CiCi noMarumba Pitch esihloko sithi Hamba Juba emkhakheni weRisa Audio Visual Music Video of the Year yikho okujabulise uNtando ngenxa yokuthi ividiyo yale ngoma iphuma ezandleni zakhe.
"Kwaze kwayisikhathi esimangalisayo kwindlovukazi enoxhaxha lwamakhono, ebusiswe ngethuba lokuba ikhiphe konke okusenhliziyweni nasemphefumulweni yayo kulo msebenzi oqhakambisa ubuciko nemicabango yami."
UNtando ubonga uNkulunkulu ngale ngqayizivele yethuba nethimba likaLady Amar ngokumethemba ngalo msebenzi. KwiRiSA/RAV Music Video of the Year khona i-vidiyo kaNtando iqhudelana ne-Lemons (Lemonade) ka-AKA, noNasty C, Sosh Plata Remix kaLoatinover Pounds, iWater kaTyla, i-Awukhuzeki kaDJ Stokie, iPlan kaDlala Thukzin, iKulula kaMawhoo, DJ Maphorisa noKabza De Small, iSgudi Snyc kaDe Mthuda, Da Musiqal Chef no-Eemoh, iRonda kaBlckie neNgiyeza kaLwah Ndlunkulu.
Le ntandokazi beyingaqali ukudidiyela i-vidiyo ngale ngoma kodwa seyike yasebenza nakwiSuka kaKhanyisa noTyler ICU.
Nasemculweni uke waliveza ikhono lakhe engomeni kaBabes Wodumo, ehambisana noMampintsha, ethi Jiva Phezu Kombhede.
Omunye umkhakha okusinda kwehlela kuwo ngoweMotsepe Foundation Record of the Year okuqhudelana kuwo iMbayimbayi yeNkabi Zezwe (Sjava noBig Zulu), iParis kaMthandeni SK, Izenzo kaBassie no-Aymos, Hamba Juba yeMarumba Pitch, Lady Amar, JL SA noCici, iGangnam Style kaMas Musiq noDaliwonga, Imithandazo kaKabza De Small noMthunzi, iPlan kaZaba, Sykes noDlala Thukzin, iMasithokoze ka-Eemoh noDJ Stokie, iWater kaTyla neThula Nana kaKabza De Small noDJ Maphorisa.
Abadle umhlanganiso kulo mqhudelwano wezindondo bazomenyezelwa namhlanje ngo-8 ebusuku, emcimbini oseGallagher Convention Centre, eMidrand, eGauteng.