NAMHLANJE kuphela iminyaka ewu-13 kwadlula emhlabeni isihlabani somculo kamaskandi, uKwakhe "Mgqumeni" Khumalo wodumo lwengoma ethi Ubungekho nethi Uthando Kaluboni.
UMgqumeni, owayedume ngeleBhova LikaDikadika noma ngeDlamanzi, washonela emotweni esayofunelwa usizo enyangeni yaseGoli ngoDisemba 19, 2009. Wayengeniswe esibhedlela saseGoli,iHelen Joseph ekhala ngokusha esifubeni.
Isidumbu sakhe saze sangcatshwa sekudlule uKhisimusi ngenxa yokuthi kwakulindwe ababesakaza uSigiya Ngengoma oKhozini, uKhathide "Tshatha" Ngobe noNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, ababesayopepenyeka phesheya kwezilwandle. Yibo abacela emndenini ukuba lingafihlwa iBhova bengekho. Nebala ngosuku lomngcwabo yibo ababephethe uhlelo enkonzweni yomngcwabo eyayisesigodini sakwaGxobanyawo, eMpofana, eNquthu. Okwavela ngalolo suku ukuthi uMgqumeni wayeyilungu lokuqina leNkatha Freedom Party kangangoba kwakukhona izikhulu zayo. Kubaculi abamvalelisa ngengoma kubalwa uBhekumuzi Luthuli owacula ingoma ababeyenze naye ethi Izulu Liyaduma, uMjik'jelwa owacula ethi Ngaphekwa Yibhova, uDlubheke owacula ingoma ayenza naye ethi Siqhathw' eNquthu neZintombi ZikaMjaphani ezahlabelela ingoma ezayiqopha neBhova ethi Ubabona Bengaka.
UMgqumeni wayeyindodana kaNksz Ngenzeni Mseleku noMaqhaw'ayashiyana Khumalo owayedabuka endaweni yaseMdletsheni. Ukushiywa ngabazali bakhe esemncane kwenza wakhuliswa wumkhulu wakoninalume, uMnuz Dikadika Mseleku noninakhulu, uNkk Qaledumisa uMaSibiya Mseleku. Wayezalwe ngoJanuwari 3, 1981. Ikhono lakhe lokucula lavumbululwa wumalume wakhe, uMahawukela Mseleku kangangoba wagcina esengumholi wamaqembu akhe emuva kokubulawa ngokudutshulwa kukaMahawukela ngo-2000. Ingxabano eyaqubuka phakathi kukaMgqumeni nabakoninalume yenza uMgqumeni waphucwa amaqembu kaMahawukela. Lokho kwenza uMgqumeni wagcina esesungula elakhe, Amagcokama esebambisene noMtshengiseni "Indidane" Gcwensa. Lezi zilomo zizokhunjulwa ngengoma eyayithi Iyothi Bhuxe. Nazo zabuye zaxabana zibanga imali yama-royalties. Indidane yabe seyisungula iqembu layo ngokubambisana noSibongiseni "Mphondi" Ntombela ongasekho noMzameni "Njencane" Ngubane, Amageza Amahle. Yilapho umculo kamaskandi waguquka khona, waba yilokhu osuyikho manje. UMgqumeni noMtshengiseni baqala lapho ukujikijelana ngamazwi ezingomeni.
Umculo kamaskandi ugcine sewungabo. Nakuba uMtshengiseni ayenezindondo eziningi kunoMgqumeni kodwa wayengakaze uMtshengiseni wahlula uMgqumeni emincintiswaneni, ikakhulukazi kwiBest Maskandi. Okunye ukuthi uMgqumeni wawina kwaze kwakabili kwiBest Maskandi kumaSama ekubeni uMtshengiseni engakaze wayinuka lendondo. Ukushayana kwamagidangoma kaMgqumeni nakaMtshengiseni, uDSD noJoeman, emcimbini owawusoLundi kwaphoqa ukuba owayengumphathi woKhozi FM,uBhodloza Nzimande nomsunguli wamaSatma, uDumisani Goba, ukuba bamise umculo wabo emsakazweni nakulo mqhudelwano wezindondo. Nakuba uMgqumeni noMtshengiseni bagcina bekhumelene umlotha kodwa baqhubeka nokugadlana ngezingoma. Yingakho iNdidane yajika endleleni ngosuku lomngcwabo kaMgqumeni ngenxa yezinsongo zabalandeli beBhova.
Kubaculi abavumbululwa nguMgqumeni kubalwa iNdidane, Mjik'jelwa, DSD, Jaiva Zimnike, Shilisi, Dlubheke, Bobo Umfana Wepiki, Ofish' Abakhulu, Mkholwane, Smomoza, Fihliskhwele nabanye. Kubaculi abadunyiswe ngushuni wakhe ekubeni bengasebenzanga naye, uKhuzani, Mthandeni, Imfezemnyama, Mdumazi nabanye abaningi. ONtencane, Sminofu, Bhekihonga, Smakwana, Sgabiso, Dulas nabanye bangabazukulu beBhova ngokomculo.
Nezingane zeBhova, uLusanda, Simiselo noKusaselihle sebengenile emculweni ngenhloso yokuhamba ezinyathelweni zikayise.
Isigameko esenza igama likaMgqumeni laduma umhlaba wonke yize engakaze wanandisa ngaphandle kwaseNingizimu Afrika ngesokuvumbuka kwensizwa yaseMaqongqo, eMkhambathini, uSbusiso John Gcabashe waseMqongqo emuva kweminyaka emithathu iBhova lifihliwe. UGcabashe wakhohlisa abantu wathi uyiDlamanzi. Umndeni wakoninalume kaMseleku wawuphika ulala ngomhlane ukuthi uGcabashe unguMgqumeni kodwa owakubo kwaKhumalo uthi yilo nezinqotho zalo, iBhova LikaDikadik' uMunt'Ephuma Kohlakula. Umkhulu kaMgqumeni uMnuz Hlalalimanzi Khumalo kwakuthi akazi sacaze phansi uma kukhona ophika ukuthi uMgqumeni uvukile. Kanjalo nogogo kaMgqumeni, uQaledumisa, kwakuthi akabuyise okwangayizolo uma umcefezela ngokuthi umzukulu wakhe uvukile. UQaledumisa waze wafumbeka phansi maqede waquleka eqala ukubona lomlisa owayezishaya isifuba ngokuthi unguMgqumeni. UGcabashe wayelimisa ngembaba elokuthi wathwetshulwa maqede wayokwenziwa umkhovu kwelinye lamahlathi. Ebuzwa ukuthi izinyo legolide wayeselifakwa ngubani ngoba uMgqumeni wayelinyanya, wavele wangena ezintangeni.
Owayekhulumela amaphoyisa aKwazulu-Natal, uVincent Mdunge nowayengumsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi, ngabanye babantu abavumelana ukuthi uMgqumeni uvukile. Nowayeyingoduso kaMgqumeni, uNonhlanhla Majola, wathi unesiqiniseko sokuthi iqhawe likamaskandi livukile ngenxa yensumpa eyayisuduze "kobuntu" balo.
Impikiswano ngokuvuka kukaMgqumeni yenza onke amabombo abheka eNquthu ngo-2012 kuyohlonzwa ukuthi uMgqumeni ngempela yini lo ovukile.
Amahlathi amphelela kanjalo uGcabashe emuva kokukhohlisa izinkumbi zabantu ezazifike ngobuningi bazo eNquthu.