UMCULI wokholo wodumo kwiJoyous Celebration neSpirit of Praise, uZaza Mokhethi, ugonyuluke ngokusolwa ngokukhonza uSathane nokuba nenyoka.
Ekhuluma kwi-The Venting Podcast, uZaza uthe bakhona abantu abamsola ngokusebenzela uSathane ngenxa yokuthi uke athandazele abazalwane maqede bawe phansi.
"Kukaningi bethi ngiwuSathane, bethi 'uke umbone waqala waqhaqhazela. Kunento uZaza ayisebenzisayo. Unenyoka."
Uthe akasabanaki ngoba uyazi ukuthi izinja zijaha imoto ehambayo ngoba emile ziyayichamela. UZaza (45), ozakhele udumo ngengoma ethi Namhla Nkosi nethi Yawa Lembewu, uthe usethathe isinqumo sokungaphinde angenele imiqhudelwano yezindondo kuleli ngoba uqeda iminyaka ewu-13 endimeni yomculo kodwa akakaze wahlabana ngomklomelo emincintiswaneni emikhulu.
"Ngicabanga ukuthi mhlawumbe iyodwa indondo enginayo yaseMpumalanga kodwa anginayo eyemiqhudelwano emikhulu. Ngiyaqokwa impela kulawa makhulu kodwa angikaze ngawina."
Uthe okumkhathazayo ukuthi akazi kusetshenziswa yiphi indlela ukukhetha umculi owinayo ngoba izingoma zakhe zithakaselwa kakhulu.
"Ngiyafisa ukwazi impela ngoba akuwenzi umqondo iMbewu ina-4 million neDiphiri. Lezi yizingoma ezishise izikhotha. ONamhla Nkosi kodwa angikaze ngathola imiklomelo ngazo. Ngike ngayithola imiklomelo ngazo ngaphandle koTanzania, London nako-USA ngenxa yalezi zingoma. Kubuhlungu ukuthi ekhaya ubone sengathi abakuthakaseli."
Uthe indaba yezindondo akasafuni ukukhuluma ngayo ngoba imphatha kabi.
"Ngaze ngathatha isinqumo, ukuze ngibe nokuthula emoyeni, sokuba ngingaphinde ngingenele imiqhudelwano ngoba kubuhlungu. Kukwenza uzizwe sengathi awukenzi ngokwanele," kusho obewumbhidi kwiClash of the Choirs kwiTeam Free State.
Ubuye wadalula ukuthi nangakubo KwaThema uma benemicimbi baqasha abaculi bakwezinye izindawo kodwa uma bengenamali baqasha yena ngoR1 000 ngoba bethi bamkhulisa.