ISIHLOKO: Sekwanele
UMCULI: Makhosi Zondi
UHLOBO: Traditional Gospel Music
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
INDAWO yaseBhamshela yaziwa ngesihlabani somculo wokholo u-Ayanda Ntanzi osanda kugcwalisa phama i-ICC, eThekwini.
Sekuqhamuke enye intokazi yaseHlathikhulu, uMakhosi Zondi (40), yahamba ezinyatheweni zika-Ayanda ngekhono lokucula.
Yize eqale ukuqopha nge-albhamu esihloko sithi Langa Lomphefumulo ngo-2021 kodwa i-Extended Play (EP) embeke kwelinye izinga ngesihloko sithi Sekwanele, ayikhiphe nyakenye. Engukuqaphelile ngoMakhosi ukuthi akalingisi mculi.
Uziculela ngephimbo lakhe elimtoti, elingikhumbuza elikaDeborah Fraser.
Okunye engikuphawulile ukuthi uMakhosi unekhono lokuqamba ingoma enomyalezo. Ufakazi wokuqala wumyalezo oqukethwe yingoma eyisihloko se-albhamu. Ngale ngoma ethi Sekwanele, uMakhosi ukhuza ukubulawa kwabantu besifazane nezingane kanye nomkhuba wokushushumbiswa kwezingane zamantombazane.
Isigqi sale ngoma sibuye sathakwa nangezinsimbi ze-reggae. Ngeke ngimangale uma amaRasta esi'khenka' uma ezwa le ngoma.
Enye ingoma ozwayo ukuthi wayiqamba emuva kwezigameko ezinzima adlule kuzo ngethi Amandla Ami Ayaphela. Ngeke umunyu ungavuki uma ulalela le ngoma ngenxa yomyalezo wayo.
Okungichazile ngalelo cwecwe ukuthi uMakhosi ubuye wafudumeza ingoma eseCilongweni Levangeli esihloko sithi Buya Mntwana.
Lesi sihlabelelo sidala kodwa asideleki. UMakhosi uqinisekisile ukuthi usicula ngeyakhe indlela. Ukuhlabelela izingoma ezihutshwa emasontweni kuyamsiza umculi uma esafika.
Kwenza ukuthi ahlabelele leyo ngoma uma ebona abazalwane bengawuthakaseli umculo wakhe. Ngakho ngaleli cwecwe ngimethulela isigqoko uMakhosi.
Le ntokazi iyezwakala ukuthi isiyiqhude elimzwezwe endimeni yomculo wokholo njengoba yaqala ukuhlabelela iseneminyaka eyisishiyagalombili.
Abafunda eMathulini Primary naseMthuli High eminyakeni eyedlule bangakufakazela lokho. AbaseMlaza bazomkhumbula ecula eqenjini iSiyakudumisa.
Njengamanje useqalile ukushisa izikhotha ngaleli cwecwe elithi Sekwanele.
Le-EP akusiyo eyamakholwa kuphela kodwa nabathandi bezinye izinhlobo zomculo bazobhema bakholwe ngayo.
Bengiphakamisa kuMasipala waseMshwathi nowaseMgungundlovu ukuba abaculi abanjengoMakhosi banikezwe ithuba ukuze bathuthuke ngoba baqhakambisa igama lale mikhandlu.