UMCULI kamaskandi oshisa izikhotha kulezi zinsuku ngonqambothi lwengoma ethi UHerodi, uMluleki Madlala, uqophe umlando ngokuba ingoma yakhe ibukwe ngabantu abangaphezu kuka-1 million ezinkundleni zokuxhumana ekubeni esafika emculweni. Ingqophamlando kwazise ukuthi uMadlala umculi osengumafikizolo kule ndima kodwa usekwazi ukudlisela ogageni abaculi asebeneminyaka beyibambile insimbi ishisa kule ndima.
UMadlala (42), odabuka ePort Shepstone kodwa wakhulela eDududu, eMkhomazi, ugile izimanga ngalo leli noni elihlanyisa nanoma wubani nelikwi-albhamu yakhe esihloko sithi Sizohlabelela. Yize iningi lisahlanyiswa wuHerodi kodwa ezinye izingoma ezehla esiphundu ngezithi Sitha Sami, UJona nethi Ngizondinda.
UHerodi usakhele uMadlala ugazi nakubahleli bemicimbi njengoba sebemubanga. Emicimbini emikhulu azobonakala kuyo kubalwa neGatsheni Music Festival esezinkundleni zemidlalo zaseNcotshane, oPhongolo, lapho ezobe eshiyelana khona inkundla noDladla Mshinqisi, Jumbo, Khuzani, Igcokama Elisha, Thokozani Langa, Mroza, Ngizwe Mchunu, Jaiva Zimnike, Ntencane, Qwabe Twins, Ithwasa Lekhansela, DJ Sox, Dumakahle, DJ Zaizo& Saudi, Inkosi Yamagcokama, Intaba YaseDubai, AmaSiblings, AmaYellowbone, Stability nabaculi bendawo. UMadlala uqale ukuduma ngengoma ayicula ngokuhlanganyela noMbuzeni, AmaYellowbone noPhuzekhemisi esihloko sithi I-SMS Yakho. Wake wadansela iqembu lombhaqanga iMadlala Brothers.
Ngaphandle komculo, uMadlala ubuye abe ngusomabhizinisi osephumelele nosezakhele ugazi ngokusiza abantu abahlwempu endaweni ngeMadlala Funeral Services enamagatsha ezindaweni ezinjengakwaV eMlaza, Mgababa, Mzinto nasePort Shepstone. Unama-supermarket abizwa ngeMadlala Supermarket eMzinto naseMgababa. Uthe ngalamabhizinisi akhe uqashe abantu abangaphezu kuka-30. "Angigcini ngokuzithuthukisa mina kuphela kwezamabhizinisi kodwa nabasebenzi bami ngiyabalekelela. Kukhona ñje esengibavulele awabo amabhizinisi, abawaqhuba ngasese, yize besasebenza ngaphansi kwami." UMadlala ngomunye wabaculi abayile esikoleni njengoba aqala eMceleni Primary futhi waphothula uGrade 12 eSukamuva High ngo-2000 ngaphambi kokuyofundela umsebenzi eMangosuthu University of Technology. Uyinsizwa eshadelwe wuThembeni Madlala kusukela ngo-2012 futhi babusiswe ngezingane ezinhlanu.