INDODAKAZI yengwazi yomculo kamaskandi, uPhuzekhemisi, ilaxaze i-hip hop, yahamba ezinyathelweni zikayise.
UNtando Mnyandu (20), owaziwa emculweni ngeleChwane LikaPhuzekhemisi, uqale engumrepha kodwa wakuyeka phansi lokho, esengenwa wuthando lukamaskandi ngo-2021.
Ichwane LikaPhuzekhemisi lithe alingenanga kumaskandi ngenxa yokugqugquzelwa yimpumelelo kayise.
"Bengikade ngivele ngingumuntu ozamayo nokushaya isiginci. Lukhona uthando lwaso. Ngabe sengikhetha ukuhamba ezinyathelweni zikababa ongizalayo, ngokucula umaskandi.
“Ngaqala ngakhipha imicu emibili ngonyaka owedlule njengoba manje ngikhiphe i-EP album esihloko sayo sithi Ngiyibhinca. Uthe icwecwe linezingoma eziyisikhombisa.
"Ngicula ngokuhlanganyela nobaba uPhuzekhemisi kwenye yezingoma esihloko sayo sithi Sidlala Ingoma. Kuthi kwenye ethi Igomondela ngicule ngokuhlanganyela noMpira DaRock, okungumfowethu ongilamayo."
Nakuba Ichwane LikaPhuzekhemisi liphrojuswe wuyise kodwa unjiniyela we-albhamu nguMudemude Gumede eGMD Studio.
Ichwane LikaPhuzekhemisi liwumculi wokuqala wesifazane ozixebulelayo isigingci kodwa esebhesi sibhambabulwa nguKhaya Mkhize, inkositina idonswa wuMdunyiswa Mlamuli, bese i-keyboard ixavathwa wuMudemude.
Seliphetha Ichwane LikaPhuzekhemisi lithe icwecwe lalo elithi Ngiyibhinca seliyatholakala kuzo zonke izitolo ezisezinkundleni zokuxhumana. Ichwane LikaPhuzekhemisi lifunde amabanga aphansi e-Illovo Primary, kwathi aphezulu lawafunda eMkomaas Secondary.