LISADANGELE iqembu likamaskandi, Ozungezwayo, kulandela ukubulawa komholi walo, uSbusiso "Bhuder" Majola ngentululwane yezinhlamvu erenki yamatekisi yaKwaSheleni, eLindelani, eThekwini, ngoLwesine olwedlule.
Umfowabo kamufi futhi obebambisene nabo koZungezwayo, uSamkelo "Ruh" Majola, uthe uBhuder (28) ubesanda kubuya emakhaya, washayelwa ngabathile ucingo abazenze amakhasimende kamfowabo ngoba babe ngabantu ebebefuna ukuthenga izimpahla zakhe zokugqoka, iBhuder Reveal.
"Besixoxa naye ngabo-5 ntambama, kwabe sekungena ucingo obeluvela kubantu ebebefuna ukuhlangana nobhuti ngabo-6.30.“
Uthe ngaleso sikhathi uBhuder uphumile ethi usaya kulaba bantu ebebefuna ukuthenga impahla yakhe yokugqoka.
"Uphumile ngesango. Uthe esezofika kubo bavele bamdubula, ngokusho kwabantu abazibonele. Thina sibizwe ngabantu bethi asizobheka usedutshuliwe."
Eqhuba uRuh uthe ushaqekile, akazi ukuthi umfowabo ubulaweleni ngoba ubemazi engenazitha.
"Namanje ngibuhlungu ngempela ngento eyenzeke kumfowethu. Ubesemncane kakhulu ukuthi ubesengabulawa ngesihluku esinje. Ushiye ingane encane kabi eqede unyaka ngoSepthemba 30."
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko.
"Amaphoyisa aseNtuzuma aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe indoda eneminyaka ewu-28 ngabantu abangaziwa ngoSepthemba 28, erenki yamatekisi KwaSheleni, eLindelani. Umufi utholakale enenqwaba yamanxeba okudutshulwa. Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa," kuphetha uNetshiunda.
Umufi noRuh basungula Ozungezwayo ngo-2014. Kuma-albhamu abawakhiphile kubalwa ethi Buza Eqolo, Unguwayela Kabi nethi Le nto Le. Babuye basungula elinye iqembu, Ochaphasha nelakhipha i-albhamu ethi Ningadideki. Ozungezwayo banandise emicimbini eminingi emikhulu, ikakhulukazi koweSolezwe, iNgqwele Kamaskandi Festival futhi bagcina sebengamanxusa eDebonairs.
Ngo-2016, bahlabana ngendondo yeBest Newcomer kumaSatma Awards neyeBest Maskandi kwiMlwazet Bavundulule Awards ngo-2021. Ubulawa nje uBhuder, Ozungezwayo bebesanda kukhipha i-albhamu yabo esihloko sithi Ungichomela Ngani ngoSepthemba 23, futhi enezingoma ezithi Kubuhlungu, Sithwele Amazondo nethi Ngenzeni. Umufi uzofihlwa namuhla emuva kwenkonzo ezokuba kubo kwa-A, eLindelani, ngo-9 ekuseni.