OSAZIWAYO baseThekwini bazokuba ngabantu bokuqala ukuzwa i-albhamu yomrepha uDuncan "Skuva" Mbambo eWiseman Car Wash, KwaMashu ngoLwesine (namhlanje) kusukela ngo-6 ebusuku.
USkuva uthe uthathe isinqumo sokumema izintatheli, abasakazi nozakwabo bakuleli dolobha kwi-Album Listening Session yeNcwadi Yezono ukuze bamuphe indlebe ngaphambi kokuba iphume ngalolu Lwesihlanu.
Uthe ukhethe ukwenza lo mcimbi eSinqawunqawini ngoba yilokishi adabuka kulo yize esehlala eMount Moriah.
Kubantu abalindeleke kulo mcimbi kubalwa osaziwayo abaningi bakuleli dolobha abanjengoDJ Tira, Zakwe, Happy Gal nabanye.
"Ngithe angihlanganyele nabantu abaningi abathanda umculo kaDuncan. Ngifuna kuthi kuqambe kushaya u-12 phakathi kwamabili sibe sesiyilalelile."
Uthe kule albhamu kuboshelwe amanoni amaningi, okubalwa kuwo elithi Stafari, Lalelani ne-Ice Boy.
Ngalolu suku uDuncan akazoqhulula zonke izingoma kodwa uzokhetha lezo nalezo.
Izithameli zizobuye zifinye ngendololwane futhi zehlise nezintuli ngeziphuzo ezihlukahlukene.
Kwenzeka lokhu nje, uDuncan ungomunye wabalingisi efilimini kaPastor Mjosty, iKwaito Church Service.