AKAFUNI nakuyizwa eyabagxeka iciko lakhe uBig Zulu kulandela ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana ngokubonakala lisinela ingoma yembangi yomaskandi ekhiphe naye ingoma.
ULwah Ndlunkulu weNkabi Records, akaconsi phansi kulezi zinsuku ngengoma eshisa izikhotha ayishaya neGcokama Elisha ethi Paris. Kwenzeka lokhu-nje noKhuzani othathwa njengembangi yeGcokama unengoba evutha bhe ethi Umjolo Lowo nabonakale eyithakasela eyisinela uLwah.
Yilapho kusuke khona umsindo ezinkundleni zokuxhumana neseziholele ekutheni uBig Zulu asheshe azame ukubhula lo mlilo ungaze ubhebhetheke njengoba kukhona nabayisola ngokungathembeki le ntokazi.
UBig Zulu usekubeke kwacaca ukuthi uLwah uyiciko elinekhono futhi elikulungele ukusebenzisana namanye amaciko ngaphandle kokungena izindaba zabantu.
"Awuthi nginitshele mabhinca, uLwah Ndlunkulu yingane engenankinga, ethanda umculo kamaskandi futhi ekhule ngawo. Iyawuthanda umculo kaMthandeni nokaKhuzani kodwa akangene empini yabo.
Musani ukufaka uLwah kulezi zimpi zenu. Ukuvuma kwami ukuthi asebenze noMthandeni yingoba asinankinga naye, siyamhlonipha futhi siyayazi nale ndima. Akangathi uLwah uma egida ecula ingoma kaKhuzani bese niyamethuka," kukhuza uBig Zulu.
UKhuzani ufake le video ekhasini lakhe lakwiFacebook maqede wayiphelezela ngombhalo obabaza nangendlela asina ngayo, nakuTik Tok ungene ekhasini lakhe wamncoma bukhoma.
"ULwah Ndlunkulu uthi ingoma uma imnandi isuke imnandi, yena uyalukhipha unyawo lwakhe luze lushayise phezulu lapho okugcina khona indlu," kuncoma uKhuzani
Lokhu bakuthakasele kakhulu abalandeli bakaKhuzani bencoma le ntokazi, yize bekhona nabashaya akhala ngalesi senzo. IGcokama Elisha alizange lisigxeke lesi senzo kanti noLwah ubashaya indiva bonke laba abalokhu bemchaphe njalo ezinkundleni zokuxhumana.