UMREPHA waseBergville uBig Zulu, useveze ukuthi ngengoma yakhe ethi Inhlupheko, ufuna ukuveza ukuthi indlala nenhlupheko emindenini eminingi kuleli iseyinkinga.
Ukusho lokhu enkulumeni abe nayo neSolezwe, ngemuva kokuphuma kwale ngoma enamasonto amabili iphumile.
Izolo uBig Zulu ube undabamlonyeni enkundleni yokuxhumana uTwitter, abantu bebabaza ubuhle be-video yakhe nokuthi le ngoma ibathinte kanjani.
“Kumanje emhlabeni wonke sibhekene nempi yobhubhane lwegciwane iCovid-19. Kodwa ubhubhane olukhulu oluthinta wonke umuntu njengaleli gciwane yindlala. Kule ngoma ngiveza imizwa ngendlela imizi eminingi ephila ngayo usuku nosuku. Nami ngikhule ngendlela efanayo, kodwa nje ngibuyisa ithemba lokuthi ngelinye ilanga kuyoba ngcono empilweni,” kuchaza uBig Zulu.
Uthe ezingomeni zakhe ufuna ukukhuluma ngezinto ezehlukene hhayi nje ezithinta injabulo kuphela.
“Ngemuva kokubona i-video abantu abaningi bangithintile bebuza ukuthi bangamsiza kanjani owesifazane abambona kuyona. Kodwa ngibachazelile ukuthi yena yize engayiphili ngempela le mpilo abonakala engomeni, kuhle sibheke imindeni edinga usizo siyilekelele, ngakho maduzane nenkampani yami iNkabi Records sizohambela imiphakathi ehlukene sinikela ngalokho esinako,” kuchaza yena.
Kule ngoma uthe usebenze noMduduzi Ncube, naye oza kahle endimeni yomculo.
“Ngenyanga ezayo ngizokhipha i-albhamu esengiyiqedile osekusele umsebenzi omncane nje kuyona ngenxa yokuthi ngike ngawumisa njengoba bengisaqopha kuZalo. Ngiyathemba abantu nabalandeli bami bazowujabulela umsebenzi wami njengoba benzile engomeni yami ethi Imali Eningi. Kube yisibusiso kimi ukukhipha leya ngoma eyenze kahle kakhulu.”