UMZWILILI wakuleli we-jazz nomculo wokholo, uJudith Sephuma, usekuqinisekisile ukuthi uzobhulela amazolo isihlabani saphesheya kwezilwandle, uBebe Winans, ochungechungeni lwamakhonsathi azoba kuleli.
U-Judith ngomunye wabaculi abahlonishwayo abayizintandokazi kuleli nasemazweni angaphandle futhi udume ngamanoni athi A Cry A Smile A Dance, Mme Motswadi, I Am A Living Testimony Le Tshephile Mang, I Remember, Through It All namanye amaningi.
Akaziwa ngezingoma ze-jazz kuphela kodwa nasemculweni wokholo usenabalandeli.
Funda nalolu daba: Kuyaqhubeka ukutheleka kwezihlabani zaphesheya ezweni
Le ntokazi izoshiyelana inkundla noBebe Winans kwi-It All Comes Down To Love Tour eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoDisemba 9, badlule baye eGrand Arena eCape Town ngoDisemba 15 naseSunBet Arena Time Square ngoDisemba 16 kulo nyaka.
Uthe ukujabulele ukunikezwa ingqayizivele yethuba lokujoyina inkakha yomculo wokholo neR&B.
"Ngaphandle nje kokuthanda ukuba sesiteji nokwabelana naye isiteji, ngiyazifela ngomculo wakhe kusukela kudala. Kulolu chungechunge, ngiyathembisa ukubophela wonke amanoni ezingoma zami eziyintandokazi.
Sengikulangazelele kabi ukuzibonela ngamehlo uBebe enandisa. Kuzoba wusuku olungasoze lwalibaleka," kuphetha uJudith.
NoBebe ucashunwe esitatimendeni ethi uJudith ungomunye wabaculi bakuleli abakhonzile.
"Mina naye sesike sashiyelana inkundla ezikhathini eziningi futhi bekubamnandi. Ngakho kuyisibusiso ukuba naye kulolu chungechunge lwamakhonsathi ami aseNingizimu Afrika futhi sengikulangazelele kabi ukugila naye izimanga esteji."
UBebe wumculi osedayise amakhophi omculo angaphezu kuka-20 million emhlabeni jikelele, wawola izindondo eziyisithupha kumaGrammy Awards, ezilishumu kumaDove Awards, eziyisithupha zamaStellar Awards, ezine kuma-NAACP Awards nezintathu kumaSoul Train Music Awards.
Omunye wabagqugquzeli bomcimbi, uThulani Maphumulo weYonke Imizamo Productions, uthe zonke izinhlelo ngomcimbi sezimi ngomumo.
Unxuse abathandi bomculo ukuba baphuthume ezikhungweni ezidayisa amathikithi angungqo, hhayi ombombayi.
Amathikithi aseyatholaka eTicketPro, Spar nasePayZone ngemali esukela ku-R490 kuya ku-R1490.