INKAKHA yomlingisi wakuleli esanda kunxuswa wuNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kuleli ukuba ithi khumu emkhakheni wezokungcebeleka, ichonywe uphaphe lwegwalagwala isadla anhlamvana.
U-Abigail Kubeka (85), obenguZondiwe Mogale kwiGenerations The Legacy, uhlonishwe ngendondo kumaSouth African Creative Awards ePitoli.
Lo qolothakamango, owathathiswa ikhefu nguMnuz Gayton McKenzie, ubungazwe ngenxa yokuqhakambisa iNingizimu Afrika ngomculo nangokulingisa.
Le ngwazi ithulelwe isigqoko nangabaholi bomphakathi okubalwa kubo owayengumengameli wezwe, uMnuz Thabo Mbeki, umdwebi ovele wesiNdebele uDkt Esther Mahlangu, umbhali uPrince H Malatsi, uTriegaardt Khoisan, uMamoshadi Mamathuba, uNombulelo Hackula nabanye ngenxa yeqhaza labo ekufukuleni imikhakha abakuyo.
U-Abigail uneminyaka esiyevile emashumini ayisikhombisa eyibambile insimbi ishisa kule ndima.
Waqala ukuzakhela igama emculweni eseneminyaka ewu-16 ngo-1957 ngesikhathi ikhono lakhe lihlonzwa nguMiriam Makeba, okunguye owamnxenxela ukuba ajoyine ibhendi iSkylarks.
Waqhubeka walekelela uMiriam emdlalweni owagcina sewuzungeza i-Europe, iKing Kong. Wasebenza nezinkakha zabaculi be-jazz, uDollar Brand (osengu-Abdullah Ibrahim) noKippie Moeketsi ezindaweni zobumnandi zaseHillbrow.
Ubuye wadlulela kwiJazzmakers, Elite Swingsters neJazz Dazzlers. Uzungeze umhlaba waze wathola nethuba lokushiyelana inkundla noPercy Sledge, Eartha Kitt noMonk Montgomery.
Akagcinanga emculweni kodwa ubuye walingisa emidlalweni eminingi nasemafilimini.
Enkulumweni ayethule kulo mcimbi, u-Abigail ubonge wanconcoza ngokukhunjulwa, wabe esebabaza amandla omculo nezobuciko ngokuhlanganisa abantu nokuletha izinguquko.
Esephetha unxuse intsha ukuba izibambe ziqine ngisho kulukhuni kulo mkhakha.