INGQALABUTHO emculweni wombhaqanga futhi engomunye wabasunguli beSoul Brothers, uMoses "Black Moses" Ngwenya, izobungazwa emcimbini ohlelwa yinhlangano ehlonishwa umhlaba wonke iWorld of Music, Arts and Dance (WOMAD).
Le nhlangano yasungulwa yingwazi yaphesheya kwezilwandle edume umhlaba wonke, uPeter Gabriel ngo-1982 ngenhloso yokuhlanganisa amaciko amazwe ngamazwe.
UBlack Moses (66), odabuka elokishini eDube, eSoweto, uzohlonishwa ngomklomelo weLifetime Achievement Award emcimbini obizwa nge-A Song Tells A Story eMarabi Club & Hallmark House, eMaboneng, eGoli ngo-Okthoba 11 kusukela ngo-7 ebusuku.
Uthe ujabule kakhulu ngale ngqayizivele yethuba futhi uzizwa ethobekile ngokwenzeka ebhendini yabo enomlando.
"Okubuhlungu ukuthi kwenzeka lokhu nje sengisele ngedwa, abafowethu esaqala nabo le bhendi sebadlula bonke emhlabeni. Sengathi umoya wabo ungalala ngokuthula. Ngisasho futhi ukuthi konke lokhu engikutholayo akukhona okwami ngedwa kodwa kungokwethu sonke thina esasungula lolu hlobo lomculo wombhaqanga."
Uthe kuyinto enkulu kakhulu kuye ukuthulelwa isigqoko yiWOMAD eyinhlangano yomhlaba wonke eyenza amakhonsathi emhlabeni wonkana.
"Ngibonga kakhulu abalandeli beSoul Brothers baseKZN, nasemhlabeni wonke ngoxhaso nothando lwalo mculo wethu."
UBlack Moses uzoklonyeliswa nabanye omakadebona abanjengoCaiphus Semenya, umufi uDon Mattera nentatheli yomculo we-jazz, uGwen Ansell ngenxa yeqhaza labo ekuthuthukiseni umculo.
UBlack Moses uke wahlonishwa nayi-University of South Africa ngeziqu zobudokotela kwiPhilosophy ngo-2020.
UBlack Moses waqala emculweni ngokudlala isigingci nama-drums ebhendini ayeyisungule nomfowabo, iCrocodile Rock. Ngo-1974 wabe esedlalela iqembu leZintombi Zesimanjemanje neSizwe Namatshitshi i-keyboard. Wabe eseba yingxenye yeYoung Brothers eyashintsha igama yaba yiSoul Brothers.
Leli qembu wayelisungule nozakwabo abangasekho abadabuka eKZN, okunguZenzele Zakes Mchunu (1984), uDavid Mdavu Masondo (2015), uTuza Mthethwa (1979) noThemba American Zulu (1982).
Ngaphandle kokusebenza neSoul Brothers, uBlack Moses ubuye wasebenza noBlack Coffee engomeni ethi The Chameleon kanye noMbongeni Ngema kwethi Isitimela SaseZola neWoza My Fohloza.
UBlack Moses ubuye wazungeza umhlaba wonke neSoul Brothers futhi behlale bedla ubhedu emiqhudelwaneni yezindondo.
Ongumqondisi weWomad SA Festival, uDan Chiorboli, uthe umcimbi wakulo nyaka usemqoka ngoba kugujwa iminyaka ewu-30 kwaba nentando yabantu kuleli.