UDJ wesifazane odabuka KwaMashu kodwa osezinze ePretoria, uMandisa "DBN Gogo" Radebe, useqophe umlando ngokuba yiciko lokuqala laseNingizimu Afrika ukuba yingxenye yeSpotify Equal Music Programm. UDBN Gogo, ogxile emculweni wama-piano, usanda kuklonyeliswa ngabeSpotify njengeciko lenyanga.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, lolu hlelo afakwe kulo uDBN Gogo kuhloswe ngalo ukufukula abesifazane endimeni yomculo. UDBN Gogo unyelwe yinyoni esandleni emuva kokushiya izihlwele zisahalela impinda emcimbini obuse-UK i-AMA Fest 2021.
Le ntokazi ezakhele kakhulu udumo ngengoma ethi Dakiwe, French Kiss nethi Khuza, ilandela ezinyathelweni zozakwabo baseNigeria, uTiwa Savage noSaweetie. Ephawula kwi-IOL News, uDBN Gogo uthe ukuba yingxenye yohlelo lweSpotify, i-Equal Music Program kuyisikhumbuzo sokuthi akadingi ukuxolisa ngokuba ngowesifazane ovelele.
"Nganginephupho futhi ngathola ukuthi izindlela zamzukwane ngeke zangivulela iminyango emisha. Ngakho ngabe sengithatha isinqumo sokusebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ngiba yiyo yonke into engangiyifuna," kusho uDBN Gogo oyindodakazi yowayengumholi ka-ANC, uJeff Radebe.
Uke wakleliswa kubaculi abayishumi emhlabeni jikelele abanezingoma ezidlalwa kakhulu yintsha yaseNingizimu Afrika kwiSpotify. I-video ye-#DakiweChallenge (lapho obekunxenxwa abantu ukuba balingise umdanso wale ngoma) ibukwe amahlandla angaphezu kuka-3 million kuTikTok.
Oyisikhulu emunxeni womculo kwaSpotify eSub-Saharan Africa, uPhiona Okumu, uthe uDBN Gogo ukwazile ukukhonya emikhakheni emibili esaqhoqhobelwe ngamaciko esilisa, okungukudijeya nokwenza umculo wama-piano.
"Kithi, ukweseka uDBN Gogo akukhulumi ngesikwenza ngaphansi kwe-Equal kodwa siqhubeka nebesikwenza okungufukula umculo wama-piano selokhu wavumbuka," kusho uPhiona.
Ukujoyina lolu hlelo lwe-Equal Music, kusho ukuthi uDBN Gogo uzobonakala kumaBillboard eSpotify aphanyekwe eTimes Square eNew York futhi iculo lakhe lakamuva elithi Possible, lizohola phambili umculo okhiqizwe e-Afrika kwi-Equal futhi likleliswe nezingoma ezishisa izikhotha emhlabeni jikelele kwi-Equal Global.