ISIHLOKO: Isibusiso Sami
UMCULI: Ndu Shezi
UHLOBO: Afro Soul/Gospel
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
NGAMAFUPHI ukuchaza le-albhamu kaNdu Shezi, ngingathi nje ulozolo noma ubisi lwento.
Ukube ibiwukudla bengizothi kwehla esiphundu. Yilokhu okudla ungadeli ngenxa yobumnandi. Kuyezwakala ukuthi kucula umuntu owuyele esikoleni umculo njengoba eneziqu zeJazz and Popular Music azizuza e-University of KwaZulu-Natal.
Ngaphandle kwalokho, uNdu usebuya kwiJoyous Celebration eyaqopha ePotter's House kaTD Jakes eDallas, eTaxas e-USA ngo-2017.
Wayekhona kwiClash of the Choirs eyayibhidiswa wuKhaya Mthethwa neyazibula ngalo mklomelo ngo-2013.
Ezingwazini aseke wasebenza nazo kubalwa uSalim Washington wase-USA, uNeil Gonsalves, Swazi Dlamini, Mthunzi Namba, Loyiso Bala, Bongo Maffin, DJ Merlon, Professor Langa nabanye. Useyizungezile i-Afrika njengoba esebuya konandisa emazweni afana noZambia, Cameroon, Kenya, Swatini, Mozambique, noLesotho.
Umlando kaNdu uyawuzwa ezingomeni zakhe ezishaya ngesigqi esingasoze sabuna.
Leli cwecwe liqukethe izongoma okuyoze kubhubhe umhlaba zingakadlulelwa yisikhathi. Ngikhuluma ngamanoni athi Ngizobhal' Ingoma, Angisafuni, Ithemba Lami, Nhliziyo, Ngibuyele Kuwe, Vila neVuka.
Uma iGolide lisaqala, kuba sengathi uzozwa ingoma yeStimela ethi I Hate Telling The Lies.
KuDumazile kungathi uzozwa iphimbo likaThandiswa Mazwai. Yize eziningi kungezothando kodwa zikhona nezokholo ezifana nethi Umthandazo Wami nethi Yonk' Imihla.
Ngakho uma ufuna uju lomphefumulo, kufanele uzitholele le-albhamu.