Umrepha wesifazane uNadia Nakai ukhumbula isoka lakhe elabulawa ngonyaka odlule, u-AKA, ngengoma iNever Leave ezophuma ngoLwesihlanu.
U-AKA, obezobe egubha usuku lwakhe lokuzalwa ngeSonto ehlanganisa iminyaka engu-36, wadutshulwa washona emgwaqweni uFlorida Road, eThekwini, ngoFebhuwari.
UNadia, odume ngezingoma okubalwa kuzo iNaaa Meaan apike kuyo uCassper Nyovest, umemezele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uzokhipha ingoma yokukhumbula u-AKA. Upike kuyo uKashCPT.
And the day I got that news, I wish you kept on this damn pendant. 🙏![CDATA[]]>🏾![CDATA[]]>🕊️
— BRAGGA (@Nadia_nakai) January 23, 2024
•Never Leave• 26.01.2024.
Pre save link- https://t.co/1g1HUh6Wgp
🐺![CDATA[]]>💜![CDATA[]]>🇿![CDATA[]]>🇦![CDATA[]]>🕊️ pic.twitter.com/1ZxbHBVzbn
Osaziwayo nabalandeli bakhe baphawulile ngalokhu.
"Ngiyaziqhenya ngawe mama," kubhala uPearl Thusi.
UKhanyi Mbau uthe ufuna ukuyizwa le ngoma.
"Ngiyakuthanda ukuthi uthathe isikhathi sakho ukuvumela inhliziyo ukuthi ekugcineni ikhulume, manje uzodlulisa," kubhala uKaty Dytt.
Kwenzeka lokhu nje, phakathi koLwesihlanu neSonto kuzoba nombukiso wezobuciko nengqephu yokukhumbula u-AKA enxanxatheleni yezitolo iMall of Africa, eGoli.
Kuzobe kunobuciko negqephu kuhlonishwa lo mrepha futhi kuzonikwa nabantu ithuba lokuthi bathenge lobu buciko obuhlukile.
U-AKA washona ezokhipha i-albhamu iMass Country ekupheleni kukaFebhuwari ngonyaka odlule. Le albhamu inqobe izindondo eziningi emiklomelweni ehlukene kuleli, yaqokwa nakwamanye amazwe.