"THINA KwaZulu asimzum' umuntu. Asimzum' umuntu. Simqonda ngqo...," ubecula kanje umsakazi woKhozi FM, uKhathide "Tshathugodo" Ngobe nozakwabo kuSigiya Ngengoma, uBingelela "The Bings" Mpanza, emuva kokuhlabana kumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards eSuncoast Casino:The Globe, eThekwini ngoMgqibelo.
Lezi zintandokazi ezingafuniseli ngobubhinca zihlabane emunxeni weSABC Best Traditional Music Radio Presenter, emuva kweminyaka lolu hlelo lukhala ngaphansi.
UTshatha ubonge kakhulu kubalaleli boKhozi nakuNkulunkulu.
"Sithi Ongabonwayo Mkhulu. Siyabonga kakhulu kubalaleli bomsakazo, UKhozi FM. Abakwenzile kuyamangalisa. Kusho ukuthi balalelile uma sithi 'ungalokothi udle ungavotile.' Nangempela bebengadli bengavotile. Siyabonga nganezakwethu, siyabonga SABC, abaphathi boKhozi FM nozakwethu esisebenza nabo. Siyabonga ngokubambisana."
NoBingelela utuse amagalelo abalaleli nawabaculi bakamaskandi ngokuqamba izingoma ezimnandi nezigijimisa igazi.
"Siyabonga kuwowonke umuntu osivotele, asilutho ngaphandle kwenu. Ukhozi FM luhamba phambili. UNkulunkulu anibusise," kuphetha uBingelela.
Umculi kamaskandi, uGatsheni, ukuphindile lokho ngokuhlabana ngendondo yeBest Maskandi.
Usonkondlo uLuyanda EM uwine eyeBest Traditional Praise Singer.
UZanele Mbambo ukhale wamuka neyeBest Traditional Fashion Designer (Fashion Kulture).
UMgijimi uthathe indondo yeBest Traditional Social Media Influencer.
UThapelino Medupe uwine indondo yeBest Traditional Music Community Radio Presenter.
USalphina Kadiaka uthathe umklomelo weBest African Jazz kwathi uMr Vee Sholo wahamba neyeMost Voted Song of the Year neyeBest IsiXhosa Album.
Kulo mcimbi kubuye kwahlonishwa iSilo Samabandla, uMisuzulu kaZwelithini.