ISIHLABANI somculo wama-piano esinegazi lobuZulu, uTyla Seethal, siphoqeleke ukuba sihoxise uchungechunge lwamakhonsathi aso asemazweni aseNorth America ngenxa yokulimala.
Lentokazi, eqophe umlando ngokuba wumculi wokuqala ngqa ukuzibula ngomklomelo weBest African Music Perfomance ngenoni layo elithi Water, idalule izindaba zokulimala kwayo ezinkundleni zokuxhumana.
UTyla utshele abalandeli bakhe, ababiza ngamaTygers, ukuthi ubewuhlabe inhlali unyaka wonke ngokulimala obese kudlulele.
"Ngiye kodokotela abajwayelekile nabangongoti ezifweni ezithize ngoba nginethemba kodwa ubuhlungu sebungiqaqambela kakhulu nesimo sesisibi."
Uthe nakuba ukugula kwakhe bekuyinto abehlose ukufela ngaphakathi ngayo kodwa sekufike lapho kungasabekezeleki.
Uthe nakuba ubethanda ukuqhubeka nokujabulisa abantu ezindaweni abehlele ukuzihambela kodwa ukulimala kwakhe bekuzobhebhezeleka kuze kwenze agcine engasakwazi ukuphila isikhathi eside.
"Kunzima ukulahla ithuba obusulilangazelele impilo yakho yonke kanti uNkulunkulu unezinye izinhlelo."
Eqhuba uthe nakuba ebambekile kodwa ithimba labalekeleli bakhe lenza konke okusemandleni ukuthi uzovuka azithathe. Uthembise bonke abalandeli bakhe baseNorth America abese bethenge amathikithi alolu chungechunge ukuba balindele imali yabo kodwa bengakhohlwa ukuqalaza izinsuku ezintsha.
Kwenzeka lokhu nje kulindeleke ukuba uTyla akhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ngoMashi 22.