INGWAZI yomculo kamaskandi edabuka oBuka, eMpangeni, uBhekisisa "Hhashi Elimhlophe" Ngcobo, ithi iyaziqhenya kakhulu ngengqayizivele yethuba elitholile.
Ihhashi Elimhlophe nomrepha uNadia Nakai, bethulwe njengamanxusa engqungquthela yamaciko yaminyaka yonke, iMoshito Music Conference & Exhibition emcimbini obuse-Artistry Sandton, eGoli.
Lo mbuthano osezingeni lomhlaba uzobanjelwa eJoburg Theatre, eBraamfontein, eGoli izinsuku ezine kusukela ngo-Okthoba 24 kuya ku-27.
Laba baculi bahamba ezinyathelweni zozakwabo asebeke baba ngamanxusa alo mbuthano ogubha iminyaka ewu-21 wasungulwa. Kwasebeke baba ngamanxusa kubalwa uLwah Ndlunkulu, uBig Zulu, uMakhadzi, uSteve Kekana nabanye. Ihhashi Elimhlophe lithe elikuthanda ngeMoshito ukuthi iyinkundla eqinisekisa ukuthi izindaba nesigqi somculo wakuleli kuyaqhubeka yize sekubhoke ezobuchwepheshe nama-trends.
Lo mculi wodumo lwengoma ethi Inkiyankiya nethi Muntuza usenguqolothakamango emculweni kangangoba useke wanandisa ngisho eNdebeni yoMhlaba yango-2010 nakuMiss World.
Emazweni aseke washiya izihlwele zisahalela impinda kubalwa i-India (Mumbai), Spain (Madrid), China, Hong Kong, Italy, Russia, Canada, USA (Miami), Hungary, Congo, Tanzania, Zimbabwe, Mozambique, Namibia, Botswana, Gabon, Cameroon, Ivory Coast neLesotho.
Ushadelwe yinkakha yomculo we-Afro pop uLinah “Ebony” Khama-Ngcobo futhi babusiswa ngezingane esezingosaziwayo okunguNtombi Mzolo, uVusiwe, uJabulani noNkosinathi abazakhela udumo besabizwa ngaMaponi.
Umgqugquzeli walo mbuthano, uStanley Khoza, uthe minyaka yonke bahlale betomula amaciko amabili, okungeselimnkantshubomvu nelisewumlibe osafinya. Uthe kulo nyaka bakhethe ukubheka kakhulu ukuthi bavelaphi kuze kube yimanje nokuthi baqondephi njengeNingizimu Afrika.
Uthe luningi ulwazi abazofukula ngalo amaciko akuleli ngezingxoxo, izinkundla zokucobelelana ngolwazi futhi azobuye athole ithuba lokukhangisa amakhono awo.
Okunye okuzokwenzeka kule ngqophamlando kubalwa iMoshito Gospel Festival ezokuba ngo-Okthoba 24, iMoshito Afro World Night Signature Festival ezokuba ngo-Okthoba 25 neMoshito Street Festival ezokuba seConstitution Hill ngo-Okthoba 27.