IZINGQWELE emculweni wombhaqanga, iSoul Brothers, zigqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni komunye obewumgogodla waleli qembu, uScelo "Sompisi" Ndlela.
Osebenze kakhulu noSompisi kwiSoul Brothers nakwiMpumelelo, uNkosinathi Ngwenya, uthe umufi ushone esesibhedlela saseGoli, iJohannesburg Hospital, ngoLwesine ngezithuba zabo 3.30 ekuseni.
Umthombo obusondelene noSompisi (65), obedabuka eMpangeni, uthe ubexinwe wumdlavuza wamathambo obumenza agcine esehamba ngesihlalo esinamasondo.
Omunye wabasunguli beSoul Brothers, uMoses "Black Mose" Ngwenya, uthe balahlekelwe kakhulu ngokushona kukaSompisi ngoba ubefana nomgogodla kuleli qembu lomgxobanyawo.
"Kimina sekunzima kakhulu ukuqhubeka nebhendi yeSoul Brothers. Esigqini seSoul Brothers sekusele mina ngedwa ngoba noMaxwell "Mafuthenkukhu" Mngadi wasishiya emhlabeni eminyakeni emibili eyedlule.
Manje sekuhamba uScelo Ndlela obedlala isigingci sebhesi." Ephetha uBlack Mose, uthe umufi uqalwe wukugula kusukela ngo-2020.
Ikhono likaSompisi noSkhumbuzo Mabaso lavumbululwa ngowayedlalela iSoul Brothers isigingci sebhesi futhi ongasekho, uZenzele "Zakes" Mchunu ngo-1983.
Ekushoneni kukaZenzele engozini yemoto ngo-1984, kwenza iSoul Brothers yavala isikhala sakhe ngoSompisi. Kwathi ngo-1985 yena uSompisi, Ihhashi Elimhlophe, Japan Sodoyi noBongani Nxele basungula iqembu, Imitshotshovu (egcine seyibizwa ngeMpumelelo emuva kokushona kwamanye amalungu eqembu).
Isandla sikaSompisi sizwakala ezingomeni eziningi zeSoul Brothers, okubalwa kuzo ethi Bazobuya, Uvalo, Ukhetha Bani, Ngidlala Ukuhlupheka nezinye eziningi.
Umculi kamaskandi, uMaqhinga Hadebe uthe uSompisi waba nesandla ekuvumbululeni ikhono likaThwalofu Namankentshane nelikaHhashi Elimhlophe njengoba bonke bedabuka eMpangeni.
Umholi wabaBekezeli, uSimphiwe Zakwe, uthe ubeseneminyaka esebenza noSompisi ngenxa yokuthi akekho umdlali wesigingci sebhesi obemedlula.
"Ubedlala ibhesi ebiyinonga ingoma ibe mnandi. I-albhamu yethu yakamuva wayidlala ebambekile impela."
UVusi Ngcobo, osebenze noSompisi kwiSoul Brothers, uthe bebekhonzene kakhulu futhi ugcine ukukhuluma naye ngoDisemba 1.
"Yena ubebambekile impela kodwa eqhubeka nokudlalela abaculi ngisho egula."
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela zingakaziwa izinhlelo zomgcwabo kaSompisi.