ABATHANDI bomculo wesintu ovutshelwe eNingizimu Afrika bazobhema bakholwe kwiSoul Brothers Annual Heritage Celebration eNewtown Precinct (Baseline) eGoli, ngoSepthemba 16 kusukela ngo-12 emini.
Omunye wabagqugquzeli balo mcimbi futhi ongomunye wabasunguli beSoul Brothers, uMoses "Black Mose" Ngwenya uthe babophele kakhulu kulolu suku.
"Le-festivali iqukethe izinhlobo ezahlukene zomculo ngoba sigubha amagugu akuleli. Yingakho sicabange ukuthi singaqhakambisi umbhaqanga kuphela kodwa sibandakanye nezinye izinhlobo zomculo."
Uthe baxhumana noMnyango wezobuCiko namaSiko nezeMidlalo ukuba ubaxhase ekuhleleni umcimbi, ozohlanganisa zonke izinhlobo zomculo waseNingizimu Afrika.
"Sinesicathamiya, umaskandi, nalaba abadlala i-hip hop abadumile, abaculi bamaTsonga nabamaShangane baseLimpopo esizoba nabo ngesonto elizayo.
Khona sithokoze kakhulu ukuthi uma sikhuluma nohulumeni asibonelele ukuthi siyenze le nto ngoba iSoul Brothers yiqembu elikhulu futhi eselidonse iminyaka eminingi.
Uma ngibuka, bonke laba bantu esinabo basengemuva kweSoul Brothers."
UBlack Mose ugqugquzele abantu bakuleli ukuba batheleke kulo mcimbi ngobuningi babo bazogubha nabo inyanga yamagugu.
Kubaculi abazobe besina bededelana ngalolu suku kubalwa iSoul Brothers, Big Zulu, Khuzani, Lwah Ndlunkulu, Dr Joe Shirimani, Phuzekhemisi, Thokozani Hadebe, Sphamandla Masondo, Mhan Flo noFelikhono.
Esephetha uBlack Mose uthe amathikithi aseyatholakala eWebtickets, Pick n Pay naseShoprite/Checkers ngoR200 nangoR400.