ISIHLOKO: Onontandakubukwa
UMCULI: Zulu Messengers
UHLOBO: Isicathamiya
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
AMABHOZA Kacothoza, okuyigama okuteketiswa ngalo iZulu Messengers, akhiphe amangwevu kule-albhamu.
Ngibe nenhlanhla yokubona leli qembu linandisa bukhoma esteji kwiNational Isicathamiya Championship ePlayhouse Opera Theatre ngempelasonto esiphuma kuyo.
Bayiculile nale ngoma eyisihloko se-albhamu. Izihlwele zihlabeke umxhwele. Mina ngichazwe umyalezo wayo. Ngamafuphi ikhuza abantu abanikelela abampofu ngoba beqonde ukubukwa.
UMavulakuvaliwe umfokaMhlongo uthi kunabantu abagijima bayosiza abantu bakude, bayeke abantu basezindaweni abahlala kuzo.
UMavulakuvaliwe uyaziwa ngezingoma ezinemiyalezo.
Okunye okungichaza ngeZulu Messengers ukuthi ayigabile ngezingoma ezinomyalezo kuphela kodwa nasesteji ikushiya usahalela impinda.
Yize bedlala ngempela kodwa nangamaphimbo bakugeza ubebebe.
Njengezinsizwa zasemakhaya, iZulu Messengers ishingile nayo ngengoma ethi Uyavela. Engikuhlabile nje kule ngoma yinhlamba engenza le ngoma ingadlali nasemisakazweni emikhulu.
Kunohlamvu olulodwa aliphinda kabili uMavula kule ngoma. Awuzwa kodwa ukuthi usuke egadla kubani. Ezinye izingoma ezizokuchaza ngezithi Amadlingozi (Bheki Mntambo), eqwashisa ngokuzitika ngocansi nasezindaweni ezingafanele. Lena kumnandi kakhulu ukuyibuka beyicula bukhoma.
Amanye amanoni ngathi Kuval' Insizwa Ezansi, Valelisa Mavula, Kumele Ihlangane, Selishonile, namanye.
Okunye engikunakisisile ukuthi iZulu Messengers ikhuphuke ngomunye ushuni engomeni ethi Umthandazo WeNkosi, ihambisana noMthera.
Akuhlatshelelwa kodwa kuyaculwa ngempela wena owazi iChoral noma i-Opera.
NoMavula uveza elinye ikhono kuleli culo. Ungaphika ukuthi iZulu Messengers oyaziyo.
Ngakho uma uzifela ngomculo waMabhoza Kacothoza, noma kanjani uzoyithakasela kakhulu le-albhamu.