UTHEMBISA ukuletha ukuzethemba kwabesifazane abazobe becela umshado kwabesilisa abathandana nabo uNtombi Ngcobo Mzolo, ongumethuli omusha wesizini yesibili yohlelo iMarry Me Now.
UTHEMBISA ukuletha ukuzethemba kwabesifazane abazobe becela umshado kwabesilisa abathandana nabo uNtombi Ngcobo Mzolo, ongumethuli omusha wesizini yesibili yohlelo iMarry Me Now.
Lolu hlelo lushaya ibuya kuMzansi Magic ngoFebhuwari 10 ngo6.30 ntambama.
UNtombi ekhuluma ngokuba yingxenye yalolu hlelo, uveze ukuthi ujabule njengoba kulo ezoletha uthando, injabulo kanye nezinto ezimangazayo ezizoba zintsha nezizobonakala ohlelweni.
“Lolu hlelo kuzoba olujabulisa kakhulu njengoba lubuya nje. Kwamina ngijabule ngokuthola ithuba elifana naleli. Kulolu hlelo sizoqhubeka nokuphendula indlela eyodwa elindelekile kubantu abathandanayo yokuthi umshado kumele ucelwe abantu besilisa kuphela. Isizini entsha izokhombisa abesifazane abangenavalo bebuza umbuzo owodwa nje kubantu abathandana nabo besilisa ukuthi bayabashada na. Laba besifazane bazokwenza lokhu abesilisa bengalindele lutho, bese benza izinhlelo ezinsukwini ezine kuphela. Laba besilisa ngeke nje babonakale behlela lo mzuzu obaluleke kangaka kubo kodwa bazophinde babheke nezinye izigaba ezithinta usiko ukuze zona bazihambise ngendlela,” kuchaza uNtombi.
Uthe isiqephu ngasinye sizobe siqukethe imizwa ehlukene ezovezwa abathintekayo.
“Mina ke ngiyaziwa ngomdlandla enginawo njengoba ngenza izinto eziningi endimeni yobumnandi. Ngingumculi, umlingisi nomsakazi ngakho ngingena kulolu hlelo nokuzethemba okukhulu ukuze ngisize omakoti abasha sha. Ngizinikele ngokuthi ukufika kwami kwabesifazane engizohlangana nabo kungabi nje okuwukuthi ngiwumethuli wohlelo kodwa ngifuna uma ngifika bazethembe ukuze sihlele konke futhi kubukeke kahle,” kuchaza yena.
Khonamanjalo kulesi siteshi lushaya ibuya uhlelo oluthi Mntase isizini yesithathu eqala ngoJanuwari 12, ngo8 ebusuku ezokwethulwa uMoshe Ndiki.
Kulolu hlelo kuzobonakala amalungu emindeni ahlukene ezama ukubuyisana ngemuva kokungaboni ngaso linye.
Beza kulolu hlelo ngoba befuna ukulungisa izinto phakathi kwabo.