ABABUKELI beClash of The Choirs kuMzansi Magic ngeSonto ngo-6 ebusuku, babhoka bayakhahlela ngokudlulela emzuliswaneni wamanqamu kwekhwaya emele iWestern Cape, iTeam Vusi Nova ekubeni yayisikhishiwe ngo-Okthoba 23.
ITeam Vusi Nova ibuyiswe ngeSonto eledlule, yafike yagudluza amakhwaya abesesele kwiTop 3, okuyiTeam Hle neTeam Khanyisa, kwasala kuphela iTeam Ntencane.
Abaningi bathi umqhudelwano wamanqamu bekufanele ngeSonto esiya kulo, ube phakathi kweTeam Ntencane emele iKwaZulu-Natal neTeam Khanyisa emele iMpumalanga ngoba insimbi bayibambe yaze yapholela ezandleni, hhayi iTeam Vusi Nova ngoba yakhishwa.
Phakathi kwabantu abashaya amakhala ngeTeam Vusi Nova, uSmomo Lukhele obhale kanje: "I-KZN neMpumalanga yizifundazwe ezifanele ngabe ziqhudelana emzuliswaneni wamanqamu kodwa amajaji athatha isinqumo sokubuyisa uVusi Nova. Niyabhora. Uma kuwina iWestern Cape noVusi wabo, ngiyothi i-Clash of The Choirs ...iKZN iyona efanele ukunqoba futhi sengiyivotele ngama-SMS..."
UThabiso Hlongwa uvele wachapha lekhwaya yaseWestern Cape ngenkulu inhlamba yesiXhosa. USbusiso Cele uthe lo mqhudelwano awusenalo iqiniso.
U-Amogelang Mokhwiti uthe amajaji abengafuni lo mncintiswano uwinwe yiMpumalanga noma yiKZN.
UMeme Nokoane uthe iClash of The Choirs iyihlaya kanti uCindy Moliwa uyifanise nensambatheka.
Okhulumela lolu hlelo, uPortia Hlongwane uthe akukho ukwenzelela abakwenzile.
"Uma ungaphinda ubheke isiqephu sesi-11 (esisakazwe ngeSonto ngoDisemba 3, esisatholakala nakwi-Catch Up) ekugcineni kwesiqephu, lapho okwakufanele kube nekhwaya ekhishwayo, ithimba lezwa ukuthi akuzokhishwa khwaya. Amajaji athatha isinqumo sokuphambanisa izinto ngokwenqubo yangempela yeClash of the Choirs."
UPortia uthe amajaji anquma ukuthi ikhwaya enenhlanhla ekhishiwe ikhuze ibuya emqhudelwaneni futhi ibambe iqhaza esigabeni samanqamu.
"Ukuze kube neqiniso, amajaji axube amagama amakhwaya abesekhishiwe endishini (ngokwesiqephu) kwase kukhethwa ikhwaya eyodwa ezonikezwa ithuba lesibili. Konke lokhu kwakhonjiswa esiqeshini futhi nesizathu sokuphambanisa, sacaciswa." Uthe kwisiqephu sesi-12, ngoDisemba 10 ngo-6 ebusuku, besiveza amazwibela esiqephu 11. "Kwacaciswa ukuthi iWestern Cape ibuyiselwe kanjani emqhudelwaneni. Ukubakhumbuza ukuthi uSeason 4 ubenakho ukuphambanisa okuningi nezinto ebezimangaza njengazo zonke izinhlelo ezigxile empilweni yangempela. Izigameko ebezishiya ababukeli namakhwaya beshaqekile," kuphetha uPortia.
*IClash of the Choirs Finale izokhonjiswa bukhoma kuDStv Channel 161 ngeSonto ngo-6 ebusuku.