UMCULI we-Afro pop oke walingisa indawo kaNomcebo kuZalo, uNomcebo "Dot" Mthethwa, usengumntwana kaNkulunkulu osezelwe kabusha.
UDot (25) waseMpangeni ufake i-video ezinkundleni zokuxhumana lapho abeveza khona ebhabhadiswa ngomunye umuntu wesifazane.
Le ntokazi ibe seyinameka nombhalo ebiizibophezela ngawo kuNkulunkulu, kanje: "Baba ungibizile, ngiyeza lapha. Ngisenkonzweni yakho futhi ngiyazibophezela ngokuba isisebenzi nomfundi wakho."
Echaza ngalokhu kuzinikela kwakhe eNkosini, uDot uthe uphile kakhulu ngokwesaba into angayazi, enqikaza ukulandela ubizo ngoba ezitshela ukuthi uyaziphuphela nje.
"Kuze kwashaya isikhathi lapho uNkulunkulu ehlenga impilo yami. Ngenze isithembiso kuYe ukuthi ngazo zonke izinsuku zempilo yami ngizohlala endlini kaThixo."
UDot uqhubekile wanxusa uNkulunkulu ukuba amnqande uma embona enhlanhlatha endleleni. "Ngiyanibikela emlilweni wakho ukuze inhliziyo yami ibe msulwa. Akube nokushintshana kwaseZulwini. Intando yami kube ngeYakho, izindlela zami kube ngeZakho kanjalo namazwi ami kube ngawakho."
Eqhuba uDot uthe konke okwakhe usenikela ngakho kuNkulunkulu. Ngo-2020 uDot wamemezela ukuthi ukulaxaza phansi ukulingisa ngoba usezogxila emculweni.
Nyakenye kusabalale izindaba zokuthi obengumdlali weKaizer Chiefs waseZimbabwe, uKhama Billiat (31) uzishaye zonke zaphelela kubo kwalesi siphalaphala, usemshade njengonkosikazi wesibili.
Nonina kaDot, uSmamiso Mthethwa wacashunwa kwiCity Press ekuqinisekisa ukuthi indodakazi yakhe seyiwumnakwabo kankosikazi omdala kaKhama, u-Esnath Munyedawo (39). UDot uthe kunezingoma zokholo azozikhipha maduze ezifike kuye ngesibonakaliso.