INTANDOKAZI yomlingisi woZalo, uCebolenkosi 'Mr Vibe' Mthembu, izogqugquzela intsha yasoGunjini, eThekwini, ngokubaluleka kokuzivocavoca njengoba kugujwa inyanga yabantu abasha.
UMr Vibe, osezakhele ugazi ngokulingisa indawo kaDetective Nyawo kulo mdlalo oqengqeleza phambili kuleli, uzobe engomunye wabazobe benandisa emcimbini wabantu abasha, i-Ogunjini Fun Run & Youth Day Event, esezinkundleni zemidlalo zasoSindisweni.
Uthe uzobe ebakhuthaza kahle ngokuzivocavoca ngoba naye usesheba ukulingisa nokugijima iComrades Marathon.
"Ngifuna abantu abasha bakukhuthalele ukuhlale bezivocavoca ukuze bahambele kude nezidakamizwa nasemikhubeni yabantu abadala ngoba bagcina sebehlaselwa yizifo ezihlukahlukene."
Uthe uzobuye ayikhele phezulu ngezingqinamba ehlangabezane nazo isakhula nokuthi ufinyelele kanjani lapho esekhona ngokwempilo.
Unxuse abantu abasha ukuba baziphathe kahle ukuze bakwazi ukugcina befeze amaphupho abo.
Uthe akukhathalekile ukuthi ukhule kanjani kini nokuthi udabuka kuyiphi indawo, ungagcina ulifezile iphupho lakho uma nje ubekezelela zonke izimo ohlangabezana nazo endleleni ebheke empumelelweni.
"Ukubekezela kuzala impumelelo. Mina ngike ngaba wumlingisi owengeziwe amasizini amane wonke kuZalo. Ngase ngicabanga nokuyeka kodwa ngabekezela. Kuthe ngesizini yesihlanu ngaqala ngathola engizokusho. Nakhona kwanabantu abangigxekayo, bengakaqondi noma bengakayijwayeli indlela engilingisa ngayo."
Sekungumlando ukuthi uMr Vibe usengomunye wabalingisi abangungqa phambili nasebetonyulwa ukuba baqhakambise lo mdlalo.
Kulo mcimbi uMr Vibe uzobe uzobe eshiyelana inkundla nabanye osaziwayo abanjengomsakazi woKhozi FM, uZeal "Nayi Le-Voice" Dladla, umculi wekwaito, uSparks Bantwana, nomculi weR&B oshisa izikhotha, uZakwethu. Lo mcimbi, oqala ngo-8 ekuseni uze uphele ngo-2 ntambama, uxhaswe yi-Aquelle, B&B Bakers, The Dancing Pencil Literacy Development Project noThando Home Base Care.