UMLINGISI woZalo, odlala indawo kaNosipho Xulu, usethole amadlelo aluhlaza njengoba eshiya kulo mdlalo. UNompilo Maphumulo uthe ikusasa lakhe liqhakazile endimeni yokulingisa njengoba abantu bezombona komunye umdlalo khona maduze.
"Yebo, nizongibona maduze kumathelevishini enu futhi nizokuthakasela konke enginibekele khona. Kodwa ngeshwa angikwazi ukudalula lutho okwamanje. INingizimu Afrika ayilindele ukungibona ngidlala indawo ebingingayilindele."
Ebuzwa ukuthi zamphatha kanjani izindaba zokuthi ngeke esabonakala kuZalo, okuwumdlalo okuyiwo owamgqamisa kuthelevishini, uthe akudikizanga ngisho inqulu.
"Angibanga nankinga ngokuphuma kuZalo. Kube yintokozo enkulu kumina ukusebenza neStained Glass isikhathi eside futhi sonke isiqephu ebebenginika sona bengiqinisekisa ukuthi ngizinikela kuso ngo-200%. Nginesiqiniseko sokuthi bajabule ngendlela engilingisa ngayo nangokukhula kohambo lwendawo engiyidlalayo kodwa uguquko luhle. UNompilo uthe ukuthakasele kakhulu ukulingisa indawo kaNosipho iminyaka engaphezu kwewu-8.
"Uma ungumlingisi kumele ulithokozele ithuba loshintsho nokukhula. Yingakho ngijabule kakhulu." Njengoba eseya emdlalweni omusha, uNompilo uthe ufuna abalandeli bakhe babone ukuthi unesiphiwo esingakanani sokudlala izindawo ezihlukahlukene. "Khumbula ukuthi ngiphuma emidlalweni yeshashalazi ngakho isisekelo sami siqinile. Nginesiqiniseko sokuthi bazokuthokozela ukungibona ngidlala indawo ehlukile kuNosipho."
UNompilo uzobuye abonakale enza angajwayelwe ngakho njengoba ezobe eshumayela enkonzweni yoMkhumbi KaNowa Unity of God eSandasonke Primary, eNtuzuma A, ngeSonto elizayo kusukela ngo-12 emini. Kule nkonzo uzobe eshiyelana inkundla nomrepha, uZakwe. Ngaphandle kokulingisa, uNompilo ubuye abe ngumculi odume ngelika-Eish Ntwana futhi odume ngengoma yegqom' ethi Golddigger.
Ikhono likaNompilo lavumbululwa yingwazi yomqondisi wemidlalo yeshashalazi, u-Edmund Mhlongo, eKhaya Multi-Arts Centre, KwaMashu. Phakathi kwezihlabani eziningi eziphuma ngaphansi kuka-Edmund kukhona uBrenda Mhlongo, wodumo kwiThe River neThe Queen, uSamkelisiwe Mkhize, wodumo kwiSibaya neSkeem Sam, nophrojusa, uNgane " Godfada Yekasi" Sikobi.